SANDILE MTHETHWA

UFUNA kulungiswe ingwadla yesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi uMnuz Sdumo Dlamini wamaKhomanisi phecelezi iSouth African Communist Party (SACP).

UDlamini ngaphambilini owayekade engunobhala jikelele weThe Congress of South African Trade Unions (Cosatu), uthi ukholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokubhekana nje ngqo nale ngwadla.

UDlamini uthi kuyadumuza kakhulu ukuphila eNingizimu Afrika njengoba seyiphenduke izwe elinabantu abaningi kangaka okuthiwa kabasebenzi nje nhlobo.

Uthe ukholwa ukuthi kukhona okumele kwenziwe ukuze kunqotshwe indaba yesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi kuzona zonke iziFundazwe eziyisishagalolunye ezikhona eNingizimu Afrika.

UDlamini uthe balinganiselwa kumaphesenti angamashumi amane isibalo sabantu abangasebenzi ezweni lonke.

Lesi yisibalo uMnuz uDlamini athe ukholwa ukuthi siphezulu kakhulu nathe kumele kube khona okwenziwayo ngaso masinyane.

Echaza ngalokhu uMnuz Sdumo Dlamini uthe: “Sibonakala siphezulu kakhulu manje isibalo samaphesenti sabantu baseNingizimu Afrika okuthiwa kabasebenzi. Lesi yisimo engikholwa ukuthi sonke kumele sisukeme kube khona esikwenzayo uma sifisa ukusibona siphela okanye sixazululeka ngokhulu ukushesha lokhu.’’

UDlamini uthe okudabukisayo kakhulu ukuthi phezu kwalezo zimo abantu bakuleli zwe bajike bathole ukucidezeleka okukhulu ngenxa yezinto ezingi kakhulu athe ukholwa ukuthi zibonakala zimba kakhulu eqolo.

Phakathi kwalezo zinto ubalule ukunyuka mawala kukaphehtroli kanye nokudla. Wabuza ukuthi abantu abangasebenzi bazoyithathaphi ngampela imali yokuthenga ukudla okubonakala kudula kangaka ezitolo zaseNingizimu Afrika?