UMNUZ Enock Godongwane

MAGAYE CELE

SEKUBEKWE eceleni imali eshisiwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi omasipala baseNingizimu Afrika okubalwa nabesiFundazweni saKwaZulu Natal bayahlomula ohlelweni oluhlabahlosile kakhulu lukahulumeni kazwelonke lokulungiswa kwengqalasizinda.

Isiyonke imali esibekwe eceleni ilinganiselwa ku-R7,1 billion wokulungiswa kwengqalasizinda ngaphansi kohlelo lomasipala bakuleli.

Lokhu kudalulwe yiloyo onguNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika yonkana, uMnuz Enock Godongwane, obekade ekhuluma kabanzi ngohlelo abanalo njengohulumeni olubeka eqhulwini ukubaluleka kokulungiswa kwengqalasizinda yomasipala abehlukene.

UMnuz Godongwane uthe njengohulumeni bayakuqonda ukubaluleka kokuba kube khona kokwenziwayo ngenhloso yokulungiswa kwengqalasizinda yenziwe ibe semgangathweni ofanele.

UGodongwane uthe bazokwenza konke okusemandleni abo njengohulumeni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yomasipala bonke abakhona eNingizimu Afrika baba seqophelweni elifanelekile.

Echaza ngalokhu uNgqongqoshe uMnuz uGodongwane uthe: “Kumqoka kakhulu ukuthi kube khona okwenziwayo ngaso sonke isikhathi uma kukhulunywa ngokulungiswa kwengqalasizinda komasipala baseNingizimu Afrika. Kuwumsebenzi wethu njengoMnyango wezeziMali ukwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi kuba khona okulungayo uma kukhulunywa ngengqalasizinda komasipala baseNingizimu Afrika.’’

Eqhubeka uNgqongqoshe uMnuz uGodongwane uveze ukuthi lolu hlelo lokulungiswa kwengqalasizinda ngaphansi komasipla abehlukene luqhutshwa ngaphansi koxhaso olubizwa ngokuthi yiSupporting Grant.

UGodongwane uthe akangabazi nje nakancane ukuthi le mali esibekwe eceleni izobonakala yenza umehluko omkhulu uma kukhulunywa ngohlelo oluhlabahlosile lokulungiswa kwengqalasizinda.

“Ingqalasizinda ngenye yezinto ebalulekile kakhulu okumele nakanjani yenziwe ibe ngcono uma kunesidingo esikhulu sokuthi kwenziwe njalo. Sizibophele njengohulumeni ngokuthi sibhukele kulungiswe ingqalasizinda,’’usho kanje.