SANDILE MTHETHWA

USEZINHLELWENI ezihlabahlosile zokuthi uqede nje nya ngamathoyilethe emigodi uMkhandlu weTheku.

Lezi zindaba zidalulwe yiloyo oyiMeya yalo Mkhandlu obalwa neminye yehamba phambili ezwenikazi lase-Afrika, uKhansela uMxolisi uKaunda.

UKhansela uKaunda ukhuluma kanjena nje lo Mkhandlu usanda kwethula uhlelo lwezindlu zangasese ezishawayo ezindaweni ezahlukene ezakhalene nedolobha iTheku.

Muva nje lo Mkhandlu ubukade wethule lolu hlelo oluhlabahlosile kulezi zindawo ezilandelayo, eMlazi, eMfume, eTshelimnyama, eVerulam kanye naseDassennhoek.

Echaza ngalolu hlelo uMeya uKhansela uKaunda uthe: “UMkhandlu weTheku umatasa nohlelo olumqoka kakhulu lokuthi aqedwe nje nya manje amathoyilethe emigodi. Siyathemba ukuthi lolu hlelo luzobonakala luhamba kahle futhi ngaphandle kwezingqinamba ezithile.’’

UKhansela uKaunda udalule ukuthi lokhu ngezinye zezinhlelo eziseqhulwini kubona njengoMkhandlu weTheku.

Ugcizelele kakhulu ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuqeda nje nya ngamathoyilethe emigodi.

UKhansela uKaunda udalule ukuthi lubonakala luhamba kahle kakhulu uhlelo lalo Mkhandlu lokwakhelwa kwabantu amathoyilethe ashawayo kuqedwe emigodi.

Uveze ukuthi maningi kakhulu amathoyilethe ashawayo uMkhandlu weTheku osukwazile ukuthi uwakhe kusukela lo nyaka ka-2023 uqalile.

UMeya uKhansela uKaunda uthe esewonke amathoyilethe ashawayo uMkhandlu weTheku osuwakhile kulo nyaka uwodwa angu-400, okuyisibalo athe ukholwa ukuthi ngesihle kakhulu.

“Kusukela ngo-Ephreli wango lo nyaka alinganiselwa ku-400 esewonke amathoyilethe ashawayo uMkhandlu weTheku osukwazile ukuthi uwakhe ngempumelelo ezindaweni ezahlukene ezakhelene naleli dolobha,’’kuchaza uKhansela uKaunda.

Uthe abamile basaqhubeka nalolu hlelo kuze kuba ayaphela nje nya amathoyilethe emigodi.