MAGAYE CELE

ISIFUNDAZWE saKwaZulu Natal sesidale amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-500 000 ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yiJob War Room.

Lokhu kudalulwe yiloyo onguNdunankulu wakulesi siFundazwe saKwaZulu Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube.

UNdunankulu uDube Ncube ubekade ekhuluma kabanzi ngezinhlelo uhulumeni wesiFundazwe onazo mayelana nokudala amathuba omsebenzi kubantu bakulesi siFundazwe.

Lawa mathuba omsebenzi uNdunankulu uNkk Dube Ncube uthe azoba uhlelo oluzosabalala kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal.

Uveze ukuthi lolu hlelo lokudala amathuba omsebenzi luqhutshwa ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yi-Expanded Public Works (EPW) ngamafuphi.

Echaza ngalolu hlelo uNkk Dube Ncube uthe: “Ukudaleka kwamathuba yinto emqoka kakhulu. Futhi lena yinto esiyibeka eqhulwini njengohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal. Siyakholwa ukuthi mkhulu umehluko ozoba khona ngenxa yalolu hlelo lukahulumeni.’’

Eqhubeka uNdunankulu uDube Ncube uveze ukuthi uhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal usubeke imali eshisiwe ngenhloso yokuqhubeka nokudala amathuba omsebenzi.

Uthe isiyonke imali ezobekwa eceleni nguhulumeni wesiFundazwe ngamathuba omsebenzi ilinganiselwa ku-R10 million.

UDube Ncube uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nalolu hlelo nokwenza ngcono izimpilo zabantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Ukhulume nangohlelo olubizwa ngokuthi yiSocial Crime Prevention Volonteers athe nalo seludale amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-1800 esewonke kubantu abasha basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Lolu hlelo lokuqashwa kwabantu abasha abangu-1800 lungaphansi koMnyango wezokuXhumana esiFundazweni saKwaZulu Natal.

UDube Ncube uthembise ukuthi basazoqhubeka nokulwela ukudala amathuba omsebenzi kubona bonke abantu bakulesi siFundazwe.