SANDILE MTHETHWA

LOYO oyiMeya yoMkhandlu waseMandeni enyakatho yesiFundazwe seKwaZulu Natal, uMnuz Thabani Mdlalose ukhuthaza izinsizwa ezisencane ukuba zizijwayeze ukuthekela ulwazi ukuze zizothola ukukhula empilweni yazo.

UMeya uMdlalose uthi kumqoka kakhulu ukuthi izinsizwa zifunde izindlela zokuziphatha kanye nezindlela ezintsha zokwenza izinto ngendlela eyiyo.

UMdlalose ubekade eyisikhulumi emcimbini omkhulu obe yimpumelelo enkulu obizwa ngokuthi Isibaya Samadoda obukade ubanjelwe ehholo lomphakathi laseNembe kuWard 05.

Ekhuluma lapha ebhekise kubantu besilisa ebebekade beyingxenye yalo mcimbi uMeya uKhansela uMdlalose uthe: “Uma ungumuntu wesilisa kuningi kakhulu okusuke kubhekwe kuwena. Yingakho nje ngaso sonke isikhathi kumele uhlale uthekela ulwazi ukuze uzokhula. Kumele futhi uma ungumuntu wesilisa ubonakale ufunda nezindlela ezahlukene zokuphila.’’

Lo mcimbi kuvelile nokuthi ubukade usingethwe yizinduna, abamnuzane bendawo nokubambisana noMnyangwo wezokuThuthukiswa koMphakathi esiFundazweni saKwaZulu Natal.

Zonke lezi zinhlaka bezikade ziyingxenye enkulu yalo mcimbi zabamba nelikhulu iqhaza ziqinisekisa ukuthi umcimbi uyaphumelela ngaphandle kwezingqinamba.

UMdlalose utuse kakhulu nokubambisana kuzona zonke lezi zinhlaka ezenze umcimbi waphumelela. Wahalalisela nazo zonke izinsizwa ebezikade ziyingxenye yomcimbi.

Kuhlalukile ukuthi inhlosongqangi yalo mcimbi kusuke kuhloswe ngawo ukuthi kudluliswe iziyalo ezimqoka kwakhiwe ngazo abafana bendawo abasakhula.

Abafana bakule ndawo namaphethelo bebekade behlanganyele ndawonye kwiKhempu yabantu besilisa ebikade ibanjelwe eSola Primary School.

Lo mcimbi uthathe izinsuku ezimbili ezigcwele futhi kuningi kakhulu okumqoka okuzuzwe ngabafana ebebekade beyingxenye yomcimbi.