SANDILE MTHETHWA

UMEYA waseMandeni uKhansela uThabani Mdlalose ukhuthaza ukwesekwa kwabalimi abasafufusa bakule ndawo.

IMeya uMdlalose uthi kungaba yinto enhle kakhulu uma bengabonakala begcina sebedlondlobala kakhulu abalimi abancane baseMandeni.

UMdlalose ubekade ekhuluma ngesikhathi kusingethwe umkhankaso owaziwa ngokuthi yiMarket Week.

Kulo mkhankaso kusuke kunikezwa ithuba eliyingqayizivele abalimi bale ndawo ukukhangisa ngemikhiqizo yabo eyizitshalo bangagcini lapho baphinde badayise ngezithelo zabo.

Lo mkhankaso odonse izinsuku ezintathu zilandelana namalungu omphakathi abonakale ewuthakasela kakhulu.

Lolu hlelo umasipala waseMandeni ubukade uluqhuba ngokubambisana nabakwa-Enterprise iLembe kanye noMnyango wezoLimo wakuyona indawo yaseMandeni.

Lokhu kuyingxenye yemizamo emikhulu kamasipala waseMandeni yokunxenxa amalungu omphakathi kanye nabezinhlaka ezahlukene ukuthi babeseke ngayo yonke indlela abalimi abasafufusa bakule ndawo.

Lolu hlelo lukhuthaza ukuthi abantu bakule ndawo bakwazi ukuzimela bangagcini lapho baphinde futhi babonakale bephambili uma kukhulunywa ngendaba yokudala amathuba omsebenzi ngezindlela ezahlukene.

Ichaza ngalolu hlelo iMeya uMdlalose ithe: “Okuyikhona okumqoka kakhulu ngalolu hlelo ukubona abalimi bakule ndawo bekhula. NjengoMkhandlu waseMandeni sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abalimi bethu babonakala bedlondlobala ngaso sonke isikhathi.’’

IMeya inxuse amalungu omphakathi nosomabhizinisi bendawo ukuthi bangalenzi iphutha lokungabeseki abalimi baseMandeni.

UMdlalose uthe ukholwa ukuthi abalimi bakule ndawo bayakudinga kakhulu ukuthola ukwesekwa ngaso sonke isikhathi.

Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokudlondlobala kwabalimi bakule ndawo.

Uthe bazoqhubeka nezinhlelo ezizobonakala zibathuthukisa abalimi bendawo.