MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu waKwaDukuza, uKhansela uLindiwe Nhaca uzwakalise ukukhathazeka kwakhe okukhulu ngezinga labantu abangasebenzi wathi ukholwa ukuthi lokhu kumele kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuthi kubhekwane nje nakho ngqo.

“Kukhona okumele sikwenze ngenhloso yokulwa nenkinga yabantu abaningi abangasebenzi. Lokho ngikholwa ukuthi kuyinto emqoka kakhulu,’’usho kanjena egcizelela.

UMeya uKhansela uLindiwe Nhaca uthi umphakathi uzithola ubhekene nenkinga enkulu yophuzo oludakayo, yizidakamizwa kanye nobugebengu athe bubonakala budla lubi kakhulu kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal.

Eqhubeka uMeya walo Mkhandlu osenyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal, uthe bazobhukula basukume bame yize kade kwisikhathi esingaphambilini kade bebhekene nezinkinga eziningi.

Phakathi kwalezo zinkinga uMeya athe zigadle kwezwakala nakubona yizikhukhula ezagadla ziphindelela kanye nomtapo owaba yindabamlonyeni.

UMeya uNhaca ubekade ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni uhlelo olubizwa ngokuthi yi-Operation Sukuma Sakhe War Room ehholo lomphakathi lakuyona le ndawo.

Ngokusho kukaMeya uNhaca uthi zibe ziningi izinselelo abazithole bebhekene nazo ezinyangeni ezingu-18 ezedlule.

“Sizimisele kakhulu ngokuthi siqale phansi silungise konke okwabonakala konakala ngenxa yezinto esizibonile zisihlasela kwisikhathi esingaphambilini,’’ kuchaza uMeya uNhaca.

UNhaca ubonge kakhulu kuhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal ngokungenelela wenza isiqiniseko esikhulu sokuthi lo Mkhandlu uyaqhubeka uyama ngaphezu kwezinkinga ebezibonakala zibagubazela ngezindlela ezahlukene.

Lo mcimbi ubukade uzinyaziswe ukuba khona kukaloyo onguNgqongqoshe wezeZimali esiFundazweni saKwaZulu Natal, uNkk Peggy Nkonyeni okunguyena futhi onguChampion wesiFunda iLembe.

Bekukhona naloyo oyiSekela Meya kwiLembe uKhansela Van Whyne, uSihlalo weNdlu yamaKhosi kwiLembe, iNkosi uBhengu kanye noSomlomo weLembe uNkk Dolly Shandu.