MAGAYE CELE

Iluchaza njengosizo olumqoka uxhaso lakwaNedbank, inkulisa yakwaBB eMlaza eningizimu yeTheku.

Igama lale nkulisa esibe khona isikhathi eside kakhulu yiJabusizabantu Creche.

Iqanjwe ngegama likamsunguli wayo uNksz Jabu Dlamini. Loyo oyiKhansela kuward 84 uNksz Ntombifuthi Gumede ukushayele elikhulu ihlombe leli ukuxhaswa kwale nkulisa.

UKhansela uGumude uthe   ibhange uNedbank lixhase ngezihlalo, imicrowave, ifriji eyodwa kanye namashalofu okufaka izincwadi.

Yize le nkulisa ithole lolu xhaso kodwa uKhansela uGumede uthe lukhulu olunye usizo abasaludinga.

Echaza ngalokhu uthe : “Luningi olunye usizo oludingwa yile nkulisa. Mkhulu umsebenzi ewenziwa yiyona emphakathini wakithi,” kuchaza uKhansela uGumede.

Uveze ukuthi isakhiwo sale nkulisa sesisidala futhi sidinga ukulungiswa kabusha ngoba lokho kubalulekile kakhulu.

Ukhulume nangokubaluleka kokuba inkulisa ibonakale ilekelela nalabo bantwana abaphila nokukhubazeka.

“Abantwana abaphila nokukhubazeka babalulekile kakhulu emphakathini wakithi. Yingakho sikholwa ukuthi le nkulisa kumele inwetshwe ukuze nalaba bantwana abaphila nokukhubazeka bezothola ithuba lokuthi bangene lule nkulisa,” kuchaza uKhansela uGumude.

Esephetha uthe bangalujabulela olunye usizo oluvela kwezinye izinhlangano.