UNDUNANKULU uNkk Nomusa Dube Ncube

MAGAYE CELE

UNDUNANKULU wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube uthi ufuna ukugxila kakhulu ekulungiseni izinkinga eziholela ekutheni zigcine zingasafiki kubantu abasezindaweni ezisemakhaya izidingo zomphakathi.

UNdunankulu uDube Ncube uthe kuyinto emqoka kakhulu ukuthi bona njengobuholi obuphezulu basesiFundazweni saKwaZulu Natal babonakale kuba khona abakwenzayo njalo uma kukhulunywa ngokuphuthuyiswa kwezidingo zomphakathi kubantu abasemakhaya.

Lona umsebenzi omkhulu kakhulu uNdunankulu uNkk Dube Ncube athe kumele uqale manje ubekwe eqhulwini ukuze kuzotholakala isixazululo sakho ngokukhulu ukushesha lokhu.

Ukhulume nangengqalasizinda nayo wathi kumqoka kakhulu ukuthi ibonakale isesimweni esikahle kakhulu ezindaweni ezisemakhaya.

Lokhu uthe bazokusebenzela kuze kulunge ngoba bayakuqonda kahle kamhlophe ukubaluleka kwakho.

Ukhale kakhulu ngengwadla yokungatholakali kwamazi ezindaweni eziningi ezisemakhaya ezisesiFundazweni saKwaZulu Natal.

“Kuyinto emqoka kakhulu ukuthi abantu abasezindaweni ezisemakhaya bazithole nabo izidingo zomphakathi njengabantu basemadolobheni kanjalo nanjengabantu abasemalokishini,’’ kuchaza uNdunankulu uDube Ncube.

UDube Ncube uthe amanzi ayisidingo esimqoka kakhulu ngakho kumqoka ukuthi abantu abasemakhaya abazitholi benenkinga yawo.

“Amanzi kumqoka ukuthi abonakale efinyelela kubona bonke abantu abasezindaweni zasemakhaya. Ikakhulu ngoba amanzi ayisidingo esikhulu wonke umuntu ophilayo emhlabeni okumele asithole,’’ usho kanjena.

Uveze ukuthi ziningi kakhulu izinhlelo ezihlabahlosile abazozethula njengohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal okuzobe kuhloswe kakhulu ngazo ukuqinisekisa ukuthi ngampela kazigqozi izinsiza zomphakathi ezindaweni ezisemakhaya esiFundazweni saKwaZulu Natal naaphethelo.

UNdunakulu uthe bazosebenzisana nomasipala ngenhloso yokufeza lo msebenzi.