SANDILE MTHETHWA

KUZOTHUTHUKISA kakhulu umnotho wedolobha iTheku ukwethulwa ngokusemthethweni kwesikhumulo sezindiza esisha esisuka eSwatini siye eThekwini.

Lo mzila kuvela ukuthi uzokuba usetshenziswa yindiza i-ERJ45 ezokube igunyazwe ukuthi ilayishe abagibeli abalinganiselwa ku-50 nje kuphela.

Kulo mzila kuzokuba nezindiza ezintathu njalo ngesonto ngombandela wokunyusela kweziyisikhombisa kusukela nenyanga ezayo.

Loyo onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezeMvelo esiFundazweni saKwaZulu Natal, uMnuz uSiboniso Duma uthe okuhle kakhulu ngalesi sikhumulo sezindiza ukuthi sizoholela ekutheni kuthuthuke umnotho wedolobha iTheku.

Lokhu uNgqongqoshe uMnuz uDuma ukuchaze njengento emqoka kakhulu kubantu baseThekwini namaphethelo.

Echaza ngalokhu uNgqongqoshe uMnuz uDuma uthe: “Kuyinto esijabulisayo kakhulu lokhu esikubona kwenzeka. Okubalulekile kakhulu ngaphezulu kwezinto zonke ukuthi umnotho wethu uzofukuleka noma kanjani. Lokhu ke kumqoka ngoba ukuthuthuka komnotho yinto ebaluleke ukuzedlula zonke.’’

Kuvele ukuthi izivakashi ezisuka eSwatini ziza eNingizimu Afrika ziba ziningi kakhulu zilinganiselwa kumaphesenti angu-90.

Sekuzobalula manje ukuthi lezi zivakashi zithutheleke kuleli njengoba sezizovele zisebenzise lesi sikhumulo sezindiza ezixhumanisa iSwatini kanye neTheku.

Loyo oyiPhini likaSihlalo oPhikweni lwezokuThuthukiswa koMnotho kuMkhandlu weTheku, uMnuz Phili Ndlovu ukushayele elikhulu ihlombe lokhu okwenzekile.

UMnuz uNdlovu uthe njengoMkhandlu weTheku lokhu bayabona ukuthi kubaluleke kangakanani ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokuthuthuka komnotho weTheku.

“Sifuna ukuthi siqhubeke nokuthi sibonakale siheha inqwaba yezivakashi ezifuna ukuvakashela edolobheni lethu iTheku. Lokhu kokwethulwa kwesikhumulo sezindiza esisha nakho kuzodala ukuthi izinto zibe lula kakhulu,’’ kuchaza uMnuz uNdlovu.