MAGAYE CELE

UMKHANDLU weTheku sewethule ngokusemthethweni uhlelo oluhlabahlosile okuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi abantu bayawathola amanzi ngaphandle kwezinkinga.

Lezi zindaba ezinhle kakhulu kubantu baseThekwini namaphethelo zidalulwe yiloyo oyiMeya yalo Mkhandlu uKhansela uMxolisi Kaunda.

Ukhansela uKaunda ubekade ekhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuba abantu baseThekwini kanye nazo zonke izindawo ezakhelene neTheku bangazitholi bebhekene nengwadla yokungawatholi amanzi.

Lolu hlelo uKhansela uKaunda uthe lubizwa ngokuthi yiWater Turn around Strategy. Kulolu hlelo oluhlabahlosile uthe bona njengoMkhandlu benza konke okusemandleni abo ngenhloso yokwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi abantu baseThekwini namaphethelo bayawathola amanzi.

“NjengoMkhandlu weTheku siyazi ukuthi amanzi ayisidingo esimqoka kakhulu ezimpilweni zabantu abehlukene basesiFundazweni saKwaZulu Natal. Yingakho ke sithathe isinqumo esiphusile sokuthi sethule ngokusemthethweni lolu hlelo esikholwa ukuthi nakanjani luzokwenza umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu,’’ kuchaza uKhansela uKaunda.

UKhansela uKaunda uthe ukuze kuphumelele lolu hlelo abalusungulile basebenzisane ngokukhulu ukubambisana lukhu noMnyango weZamanzi eNingizimu Afrika.

“Sisebenzisane ngokukhulu ukubambisana lokhu noMnyango weZamanzi eNingizimu Afrika kanye nehhovisi likaMgcinimafa ngenhloso yokwenza ngcono isimo sokutholakala kwamanmzi eThekwini nasezindaweni ezakhelene nalo,’’ kuchaza uKaunda.

UKuanda ukhulume nangokubaluleka kokuba ibe sesimweni esigculisayo nesifanelekile ngaso sonke isikhathi ingqalasizinda yamanzi.

Ukulunga kwayo uthe lokho kuchaza ukuthi abantu baseThekwini bangaphila impilo engcono kakhulu enganazo izinkinga zokungawatholi amanzi.

Uthembise ukuthi njengoMkhandlu weTheku bazobhukula benze konke okusemandleni ngenhloso yokulungisa inkinga yamanzi.