SECHABA MAKORO

KUZOQOPHEKA umlando KwaDukuza njengoba uMasipala wakule ndawo uhlela ukuqamba enye yezinkundla ezakhele lomkhandlu ngezigomagoma ezabulawa kabuhlungu kwakuwumgubho wosuku lwabesifazane eminyakeni emibili edlulile.

IMeya yaKwaDukuza uKhansela Lindile Nhaca uthi usaxhumana nazo zonke izinhlaka kuzwakale ngesikhakamiso sobuholi bukamasipala ewuholayo sokukhumbula ngenkundla uNjabulo Cele (24) noFrance Kuhuni (16) abashona kwakunomqhudelwano webhola lezinyawo ngomhlaka 10 August 2020. UNjabulo wayewumqeqeshi kanti uFrance wayewumdlalo ababebambe iqhaza emdlalweni wangalolo suku lombungazo wosuku lwabesifazane. 

UNkk Nhaca uthi usezinhlelweni zokukhuluma nabathintekayo ukuthi iLindelani Sports Field iqanjwe kabusha igama ngenhloso yokuhlonipha laba ababili uNjabulo noFrance. Uthe kuyimanje kusenzima ukuthola ukuthi kwakuyini ngempela ukufa kwabo. “Laba ababulawa sikholwa ukuthi babulalelwa into engekho ngabantu ababengananembeza ababefuna ukuzingenela ejele. Siyazi ukuthi lokhu kubahlonipha ngenkundla ngeke kusababuyisela emindenini yabo kodwa kuhle ukuba sisondelane nemindeni yabo ngokuthi kube khona esikwenzayo emagameni abo. Ngizokhuluma namakhansela njengoba siye senze uma siqamba imigwaqo ngokuthi le nkundla yaziwe ngeNjabulo-France Sports Field okuwumbono wami wokuthi sinike isithunzi esifanele ngalemiphefumulo emibili eyayingenacala yayilahlekelwa yimpilo yayo. Nginombono wokuthi kumele njalo ngonyaka sibe ne-tournament ezokwaziwa ngeNjabulo –France ukuze bahlale bekhunjulwa,” kusho yena.

Abaholi bakaMasipala waKwaDukuza buye bahambela yomibili le mindeni wakwaCele nowakaKuhuni ngenhloso yokubanikeza ithemba lokuthi ingalo yomthetho yinde ngakho iyogcine ifinyelele kubenzi bobubi. 

UKhansela Nhaca uthe unezinhlelo zembizo lapho kuzonkankanywa khona izingqinamba ezibhekene nomphakathi wakwa-ward 5 ezihambisana nobugebengu obuwuhlalise lubhojozi njengoba ifuna kuphunywe nesixazululo ngokungenziwa ukuqeda lobu bugebengu.