SECHABA MAKORO

UMASIPALA wesiFunda seLembe uqinisa ubudlelwano bokwenza umndeni obumbene nobuholi bendabuko okungamakhosi kubona bonke omasipala abakhele lesi sifunda ngenhloso yokubambisana ekuhanjisweni kwentuthuko emphakathini owakhele lesi sifunda.

NgoLwesihlanu ubuholi balesi sifunda bebuhlangene ezindlini zalo masipala kuzobhekwa ukuthi yiziphi izindlela ezingasetshenziswa ekwakheni ubudlelwano obuqinile nobuHoli beNdlu yoMdabu kulesi sifunda. Lapha kubuye kwabhekwa nokuthi yiliphi iqhaza elibanjwe ngamakhosi entuthukweni yophakathi nokuthi umasipala ungasebenzisana kanjani nawo ekugcineni inhlalakahle yomphakathi.

Lo mhlangano bewuhanjelwe ngamakhosi abephuma kubona bonke omasipala abangaphansi kwesiFunda seLembe kanjalo nabaholi abebevela kubona labo masipala. 

USomlomo wesiFunda seLembe uKhansela Dolly Shandu obekuwuyena obephambili kulokhu kuhlangana namakhosi nobuholi bukamasipala ukhanyisele abebesemhlanganweni ngeqhaza elibanjwe ngamakhosi entuthukweni yomphakathi. “Ubudlelwano kumbe ukuzimbandakanya kwabaholi bomdabu okungamakhosi emkhandlwini yomasipala kubaluleke kakhulu ngokomqulu wezwe woHulumeni baseKhaya wango-1998 njengendlela yokubusa ngokubambisana nazo zonke izinhlaka ezisekhaleni lentuthuko,” kusho uKhansela Shandu.

UMnu Thobani Shandu iMeya kaMasipala wesiFunda seLembe uthe umasipala ewuholayo kulesi sifunda uzoqinisekisa ukuthi kawuwavaleli ngaphandle amakhosi ezinhlelweni zokuhanjiswa kwentuthuko kubona bonke omasipala abakhele isifunda seLembe. “Kubalulekile ukuthi amakhansela komasipala asebenzisane namakhosi njengoba inhloso iyinye kungukuhanjiswa kwentuthuko kubantu. Kuyilungelo futhi kubalulekile ukuthi amakhosi azi ngokuqhubekayo ngezinhlelo zentuthuko ezizweni aziholayo,” usho kanje.

INkosi N.A Bhengu enguSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu esiFundeni seLembe ikushayele izandla okwenziwe wumkhandlu kaMsipala esiFundeni seLembe ngokuwamemela ezinhlelweni zentuthuko ehanjiswa ezizweni zoyise mkhulu. Lapha izihloko okubhungwe ngazo yimiphumela yezikhukhula zango-April, izingqinamba zezamanzi nokuthuthwa kwendle, izihlelo zeSukuma Sakhe, ukuthuthukiswa komnotho wasemakhaya nokunye.