SECHABA MAKORO

ILUNGU lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal litusa abaholi besifazane ababhekelele inhlalakahle yembokodo esifundazweni ngokuzikhandla ngazo zonke izindlela belwela ukubona abanye besifazane bephumelela empilweni nasekufezekiseni amaphupho abanawo ngempilo kanjalo neyemindeni yabo.

UNksz Makhosi Zungu uncome impumelelo yokuhlangana nabesifazane baseMacambini eMandeni ngaphansi kwaka-ward 2, 8 no-9 kwimashi yokuthula obekukhuzwa ngayo izigameko ezithe chithi saka nezwe lonke zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. 

Lapha kubuye kwaba nezikhulumi ebezikhuthaza ukuzimela kwabesifazane nangokukwazi ukusebenzisa iziphiwo zabo ukuze bakwazi ukuphila kuhlanganisa nokuxosha ikati eziko emizini yabo. Le mashi iphelele eMatigulu Centre eMacambini. Bewuzinyaziswe ubuholi bukaMasipala waseMandeni obekukhona iMeya uKhansela Thabani Mdlalose, uSomlomo uPhindile Sishi, yilungu le-Executive Council uKhansela Zamile Mdletshe nezinye izicukuthwane ebeziyizimenywa eziqavile kulokhu kuhlangana nabesifazane.

UNksz Zungu obeyisimenywa esiqavile futhi eyisikhulumi sosuku ngokwehhovisi lakhe leSishayamthetho saKwaZulu-Natal uncome abesifazane ngokuzinikela kwabo benze izigcawu lapho bezokhulisana kahle bodwa babheke izingqinamba ababhekene nazo banikane namasu okubhekana nazo ngqo ukuze zixazululeke. Ukhuthaze ukusebenza ngokubambisana kwabesifazane ukuze bakwazi ukulekelelana kahle kwabakwenzayo nabaphokophelele kukhona. “Ngibonga ukuba yisimenywa kulo mcimbi nangokuzophonsa itshe esivivaneni ekukhulisaneni singabesifazane. Ngingeze ngazibeka mina phambili ngempumelelo yalo mcimbi ngoba bakhona abagqugquzeli bawo abangabesifazane okumele kutuswe bona kuqala. Engikukhuthaze abesifazane abebeyingxenye lapha ngikukhuthalele ukusebenzisa umhlaba waseMacambini ngoba unothe kakhulu kokutshalwayo. Ngibakhuthaza nangokungahambeli kude kubantu asebephumelele abahlala nabo emphakathini ngithi kubona mabasondele bathekele ulwazi oluzobalekelela ekusimameni.  Sekujwayelekile ukuthi uma kukhona emphakathini umuntu ophumelele bese abantu bemxwaya baze bathi bangamngena kanjani nje uma bedinga usizo kubona. Lesi akusona isikhathi sokuzivalela ngaphandle masiwasebenzise amathuba avelayo singabesifazane singazinyezi ngobulili bethu,” usho kanje.