SECHABA MAKORO

UDKT Blade Nzimande onguNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha udonse ngendlebe umphakathi wase-Elandskop eMgungundlovu ngokusiphathisa okwezikhali zaMantungwa isikhungo esiyikolishi elizokwakhiwa kule ndawo ngoR108 million.

Lapha bekufezekiswa iphupho lenkosi endala yesizwe saKwaMpumuza eMgungundlovu ngokwakhiwa kwesikhungo sokuqeqesha intsha kwezamakhono ngenhloso yokwehlisa isibalo saleyo ezizithola zibhuquza emakhaya ngenxa yokuswela imali yokungena ema-university.

Lo mnyango uphendule isoyi lokwakhiwa kweMpumuza Skills Development Centre e-Elandskop. Unanele ikhwelo leminyaka elahlatshwa yiNkosi Nsikayezwe Zondi. 

UDkt Blade Nzimande ophathiswe uMnyango wezeMfundo ePhakeme nezokuQeqesha okuwuyena obephambili kuhlatshwa isoyi utuse iNkosi Zondi ngokukhathalela ezemfundo esizweni. Uthe lokhu ukushiso ukuthi inkosi yamshayela ucingo imcela ukuthi uma ekhona eDambuza makokhuphuka azoyibona ngoba kukhona efisa ukukudlulisa kuyena. “Kwathi ngikhona ekhaya eDambuza ngomunye unyaka ngakhuphuka ngaya khona kwaMpumuza njengoba ngangicelwe yinkosi ukungibona. Inkosi yabe seyiyifaka le ndaba yokwakhiwa kwesikhungu sokuqeqeshwa kwamakhono ithi ifisa kulekelelwe intsha yasemakhaya ngaso. Yazibeka izizathu ezimqoka ngaso nanokuthi uma siphakathi kwabantu sizonciphisa izindleko zokugibela amatekisi namabhasi kwehlelwa edolobheni eMgungundlovu kuyofundwa kwezakhona. Ngiyajabula ukuthi namhlanje ngizohlaba isoyi lokuqala kokwakhiwa kwaso nokuthi lokhu kuhlatshwa kwalo kusho ukuthi umsebenzi uzoqalwa ngo-January ngonyaka ozayo. Sikhathele ukubona amasoyi ahlatshwa aze alale utshani ngoba lokho kungukukhohlisa abantu,” kusho yena.

INkosi Zondi ithe iyajabula ngoba lokho eyayikufisile kokulekelela itsha yesizwe kugcine kufezeka isadla anhlamvana kwazise izintambo seyaziphonsa endodaneni endala ukuhola isizwe iNkosi Khethokuhle Zondi. “Ngiyazi ukuthi ngokwakhiwa kwalesi sikhungo kuzoxosha ikati eziko emakhaya amaningi ngoba lokho okuzobe kufundwe yintsha kuzoyilekelela ngokuthi izisebenze ingalindeli ukuqashwa. Siyisizwe siyaziqhenya ngokuthi siwubuholi bomdabu kunegxalaba esilifakayo ekufukuleni intsha kwezemfundo. Lokhu okwenzeka namhlanje yiphupho lami leminyaka ukukubona kwenzeka esizweni,” kusho iNkosi Zondi.