SECHABA MAKORO

UMASIPALA wesiFunda seLembe uzincoma ngokwethula umkhankaso wawo wokuphumela phandle uhambele aalungu omphakathi uyozethula kuwona ngenhloso yokusebenzisana nanokuthi lezi nhlaka zisebenzisana ngenhloso yokuhambisa intuthuko kubantu.

Lo masipala uhlele ukuthi bonke omasipala abane abangaphansi kweLembe okuongowaseNdwedwe, owaKwaMaphumulo, owaseMandeni nowaKwaDukuza wethule amakhansela nabasizi balo ekomidini nganhloso yokusebenzisana nazo zonke izinhlaka kuze kufike nasemakhosini oselwa imbala. Wethule izinhlelo zao KwaNgcedomhlophe Stadium eMandeni. 

UKhansela Sipho Magwaza obekhuluma egameni leMeya kaMasiopala wesiFuda seLembe uKhansela Thabani Mdlalose uthe kuyabajabulisa ukusho ukuthi isifunda sabo sisebenza kanzima ukufezekisa lokho esakuthembisa ekuhambiseni ithuthuko kubantu ngale kokukhetha ngokwamaqembu epolitiki abawavotelayo. “Sisanda kuzwa ukuthi kunempi enkulu ezayo yokushoda kwamanzi lokho esingafuni ukuthi kwenzeke lapha esifundeni sethu. Isifunda sethu sizimisele ngokugculisa wonke umuntu ngentuthuko,” kusho yena.

Ekhuluma ngenhloso ngqangi uKhansela Mdlalose iMeya yeLembe ngokuhambela umphakathi kwabo uthe kuyisifiso sabo ukuba abantu basondele kubona bewubuholi bakuqonde nokusebenza kwabo bangaziboni bevalelwe ngaphandle ezinhlelweni zokuhanjiswa kweentuthuko kubantu. “Ngenxa yokuthola isikhathi esincane sokuzazisa kahle ngokusebenzisa ama-radio yingakho sihlele ukuba size kinina ngqo sizozethula ngokusebenza kwethu kanjalo nama-ward committee. Kuyisifiso sethu ukuba sisebenzisana nabantu abasivotela ngokuthi bakuqonde ukusebenza kwethu ukuze sikwazi ukuhambisa kahle intuthuko kubantu. Lapha sifuna ukuzwa ngezinselelo nezingqinamba ezibhekene nabantu ukuze sikwazi ukuqonda ngqo kulokho abakufisayo ukukubona kwenziwa ngokushesha emphakathini,” kusho yena.

Imenenja ebambile kuMasipala wesifunda seLembe uNkz Cingisa Mbola unxuse amakhosi nezinduna njengobuholi bomdabu ukusondela eduzane ezinhlelweni zokuhanjiswa kwentuthuko kubantu. Uthe kuyisifiso sabo ukuphuthuma ngokulungisa isimo esimbi esadalwa yizikhukhula ezashiya amakhaya amaningi egugulekile ngoDecembe nyakenye nango-April nonyaka.