TSEPO MOTLOKOA

UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa kwamaKhono uDkt Blade Nzimade ubona inhlansi yethemba kwintsha yaseMgungundlovu nge-Imbali Education and Innovation Precinct (IEIP) ngokuthi kayizile nje kuphela ukuzoyiqeqeshela amakhono kodwa izoyicija ngokuthi ikwazi ukuziqalela ngokwayo amabhizinisi azobe ebizwa yona.

UDkt Nzimande ukusho lokhu kade ehambele lesi sikhungo ezohlola ukuthi ngabe siqhuba kanjani ekubeni yinhlansi yethemba kwintsha eyakhele uMgungundlovu. Uhlelo lwe-IEIP kuhloswe ngalo ukuzokwakha ubudlelwano bokusebenzisana kwezikhungo zomphakathi ekuphuculeni intsha ngokuthi ikwazi ukuzimela. “Kumqoka ukungena sigxile kulokho okuphethelene nokuqeqeshwa kwabantu kwentsha nokushoda kwamathuba emisebenzi kulezi nsuku. Ngokwenzenjalo sisuke sivula ithuba lokunikeza ithuba intsha ngokuthi ize nemibono yayo ngalokho efisa ukulekelelwa kukhona ngokufukulwa komnotho. Lokho kungalekelela kakhulu ekutholeni imibono emisha engaphuthumisa izinhlelo zikahulumeni ekusimamiseni umnotho wezwe,” usho kanje.

UDkt Nzimande uthe basungule i-IEIP uduzane nomphaakthi waseMbali ngoba kulapho okukhona ezinye izikhungo zezemfundo okuyiNdumiso Campus yaseDurban University of Technology (DUT) nePlessislaer Campus yaseMgungundlovu Technical and Vocational Educational and Training (TVET) nezikole eziningi ezingama-high school kuhlanganisa nesikole sabaphila nokukhubazeka esakhelene nalezi zikhungo. “Iphupho lami ukuthi eminyakeni eyishumi ezayo sibe sesinemboni enkulu ezobe ihlanganisa wonke amakhono azobe efundwe kulesi sikhungo. Lokho kuyosiza kakhulu hhayi kuphela kwintsha yaseMbali kodwa i-Greater Edendale yonke izohlomula,” usho kanje. Uvale ngokuhambela izikhungo okuyiNdumiso Campus, yiPlessisaler Campus neZibukezulu Technical High School eyobheka ukuthi ngabe ziqhutshwa kanjani izifundo zamakhono kulezi zikhungo.