Magaye Cele
Loyo oyiMeya yaseNewcatle, uKhansela uXolani Dube uthi UMkhandlu awuholayo uhlela ukwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu abasha bakule ndawo bathola usizo abalufunayo.
UKhansela uDube ukhulume kanjena njengoba UMkhandlu awuholayo kade unesigcawu sokucobelela abafundi ngolwazi olumayelana nezifundo abangazenza uma sebeya emaNyuvesi.
Lesi sigcawu besethiwe elokuthi yiBiggest Carrear Youth Prrogramme.

IMeya uDube uthe bafuna ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha bakule ndawo abagcini baba izisulu zezinto eziningi ezibonakala ziphazamisa kakhulu abantu abasha abaphila kulesi sikhathi samanje.

Phakathi kwalezo zinto kubalwe ubugebengu obudla lubi kanye nokungazithuthukisi kwabantu abasha ngokwezinga lemfundo.
Lolu hlelo lokuqeqeshwa kwabafundi uMeya uthe balindele ukuthi lugcina seluletha uguquko oluhle kubona kanye abantu abasha.
Kodwa uthe uguquko olukhulu balindele ukulibona kwezomnotho kanjalo nasemabhizinisini.

NgesiKhathi sohlelo I-Intergrated Development Plan Road Shows uMeya wakuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuthi kuliwe nazo zonke izinto ezibonakala ziyizithiyo empilweni yabantu abasha abaningi.

UMeya uDube uthe kulokoza inhlansi yethemba mayela nokuthi lolu hlelo luzogcina lukwazi nokuthi ludobe abantu abasha abaningi kakhulu benze imikhakha okubalwa kuyona oweScience kanye neTechnology okuyimikhakha ayichaze njengemqoka kakhulu.

UMeya uthe nakweZolimo futhi bayethemba ukuthi bakhona abantu abasha bakule ndawo abazogcina sebenothando olujulile ngawo lo mkhakha abaningi anaziphilisa ngawo.

Eqhuba uMeya uDube udalule ukuthi lo Mkhandlu unohlelo olude noluhlabahlosile kakhulu luku2035.

Lolu hlelo uthe lumayena nokuqinisekisa ukuthi uma ukufika loyo nyaka indawo abakuyona iba indawo ekwaziyi ukuheha abatshalimali iphinde futhi ibonakale iheha nezivakashi ezivela exindaweni ezahlukene.
IMeya ithe kukhona konke okwenziwa yolo Mkhandlu uhlose kakhulu ukuthi ubuyise ithe kubantu abasha abaningi ebese livele libalahlekele.

“Inhloso yethu enkulu njengoMkhandlu sihlose kakhulu ukuthi sibuyise ithemba kubantu abasha abaningi ababonakala sebelilahlile,” usho kanjena.

UMeya uthe okuhle kakhulu ukuthi I-Expo izodala ikuthi njengoMkhandlu uMeya ukuthi bahlanganise ndawonye abantu abasha abanamakhono ehlukene.