SECHABA MAKORO

SEKULETHE ukukhathazeka kuhulumeni waKwaZulu-Natal ngekusasa lomkhakha wezokuvakasha ukukhula kokuhlaselwa kobhejane eziqiwini okusuke kufunwa izimpondo zawo ngabantu abanenhloso yokuzinothisa ngazo.

UMnu Siboniso Duma ophathiswe uMnyango wezokuVakasha, ezeMvelo nokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal ebambisene nozakwabo kuzwelonke ungqongqoshe woMnyango wezokuDoba, amaHlathi nezeMvelo uNkk Barbara Creecy bafakane amakhanda bengqumuza bebheka ukuthi yikuphi okungenziwa yiminyango yabo ukuvikela obhejane okubonakala sikhula ngesivinini isihlava sokuhlaselwa kwabo. Lesi sihlava kubikwa ukuthi sidle lubi eHluhluwe iMfolozi Park (HiP). 

Ngenxa yokubonakala kokubikwa ngezehlakalo zokuhlaselwa kobhejane uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasa nezeMvelo KwaZulu-Natal sewuhlabe ikhwele unxusa ukubambisana nazo zonke izinhlaka zezokuvakasha ukuba kubanjiswane kuvikelwe obhejene. Obhejane kuthi bangezinye zezilwane ezithandwa kakhulu yizivakashi lokho okwenza ukuthi zikuthakasele ukuvakashela KwaZulu-Natal. Kubikwa ukuthi ukuhlaselwa kwabo kuletha ingcindezi emkhakheni wezokuvakasha kwazise yiwona owumgogodla ekunyuseni umnotho wesifundazwe. 

Ngenyanga edlule uMnyango wezamaHlathi, ukuDoba nezeMvelo kuzwelonke ukhiphe izibalo zawo ngokuhlaselwa kobhejane kwathi isifundazwe saKwaZulu-Natal savela njengesizihola zonke izifundazwe kwazise kubikwa ukuthi kuhlaselwe obhejane abawu-448 kwathathwa nezimpondo zabo. 

UMnu Duma uthe ukuhlaselwa kobhejane kuphazamisa izinhlelo zikahulumeni zokuvikelwa kwemvelo ngenhloso yokuthuthukisa umkhakha wezokuvakasha oncikene kakhulu nezomnotho. “Singakujabulele ukubambisana nazo zonke izinhlaka ukuvikela imvelo yethu esiyithatha njengomgogodla emkhakheni wezokuvakaha nasekuthuthukeni komnotho wesifundazwe. Njengesifundazwe saKwaZulu-Natal sesikubeke njengempi ukuhlaselwa kobhejane ngenhloso yokuntshontsha kubona lokho okuhle. Kusezandleni zethu sonke ukuba munye silwe nokuhlaselwa kobhejane. Singekhohlwe ukubonga abaseKZN Wildlife ababambisana nezinhlaka zezomthetho besebenza ngokuzinikela bedela nempilo yabo bezama ukunqanda lesi sihlava sokuhlaselwa kobhejane. Sihlaba nekhwele sinxusa umphakathi ukubambisana nathi kulomkhankaso esinawo siwuhulumeni weKwaZulu-Natal wokuvikelwa kobhejane abahlaselwayo eziqiwini,” kusho yena.