SECHABA MAKORO

KUKHUTHAZWA izakhamizi zaKwaZulu-Natal ngokungahambeli kude nezolimo kwazise ukuthi yiwona mkhakha omqoka kakhulu empilweni yabantu njengoba impilo yabantu incike kakhulu emikhiqizweni yasenhlabathini.

UNkk Nomsa Dube Ncube uNdunankulu waKwaZulu-Natal uhlabe ikhwele kwizakhamizi ezakhele uMasipala waseMandeni ngaphansi kwesifunda seLembe ukuthathela phezulu umkhakha wezolimo kuthi lokho ezikutshalayo kube ukuthi kuyalekelela ekuxosheni indala emakhaya. Usho kanje kade ehambisana nozakwabo ophathiswe uMnyango wezoLimo nokuthuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal uMnu Super Zuma emkhankasweni we-Provincial Agriculture Indaba obuseMsunduzi Sports Field ngaphansi kukaMasipala waseMandeni. 

UNkk Dube Ncube utuse iqhaza lezolimo ethi yilona eliseyithemba lokukhuliswa ngamandla komnotho wesifundazwe. Uthe ezolimo yizona futhi ezisekhaleni lokwehlisa izinga eliphezulu lokungaqasheki kwabantu okukhungethe izwe lonke. “Uhulumeni wethu ukhuthaza abantu ukuba bawusebenzise kahle umhlaba abanawo ngokuthi balime ukuze kuthi konke abakutshalayo kube yithemba lokuphila kwabo kwazise ukuthi impilo yabantu iyamene kakhulu nokutshalwayo ngakho kuhle ukuthi abantu lowo mhlaba abanawo kube ukuthi bawusebenzisela ukuzithuthukisa ngawo nokuxoaha ikati ezikoe emakhaya,” kusho yena.

UNkk Dube Ncube uthe kukhona isivumelwano sezolimo abasicikice ngokubambisana nabe-Agriculture and Agribusiness Masterplan kuzwelonke sokuqinisa ukubambisana kuzoyna yonke le minnxa ukubhekelela ezolimo. “Kusemandleni kahulumeni ukubheka ukusweleka kwemihlaba ukuze kuvaleke izibazi zezikhathi zobandlululo lapho abantu babencishiwe ilungelo lokuba nomhlaba wokuziphilisa. Yingakho kukhona nohlelo lukahulumeni omkhulu lokubuyekezwa komhlaba lokubuyiselwa kwemihlaba kubantu okuyileyo eyagwamandwa kubona ngesinxele ngezikhathi zohulumeni wobandlululo. Isifundazwe sethu ngesinye esikubeke eqhulwini ukubhekela ezolimo kwazise ukuthi ziyinhliziyo yomnotho wabantu kanjalo nowezwe,” usho kanje.