MAGAYE CELE

UMKHANDLU waseMandeni enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal umamukele ngezandla ezifudumele, uNksz Silindile Mabaso oneminyaka engu-19 yobudala okuyimanje wenza izifundo zakhe eDurban University of Technology (DUT).

UNksz Mabaso ubekade engenele umncintiswano obizwa ngokuthi nguMiss Teen Unirvese South Africa oqhutshwa uMnyango wezamaCiko esiFundazweni saKwaZulu Natal.

Uhambo lukaNksz Mabaso kulo mncintiswano luqale ukubonakala ngesikhathi eqala eba yingxenye yalo mncintiswano ngesikhathi uqhubeka eZulu Theatre eSibaya Casino ngomhlaka-12 kuMarch kuwona lo nyaka.

Kulowo mncintiswano wangomhlaka-12 le ntokokazi yaseMandeni kuthiwa yakwazi ukuthi izibekisele indawo yabalwa nabanye ozakwabo abakwazi ukuthi bangene kwabayishumi abahambe phambili phecelezi top 10.

Ngemuva kwalokho wabe esehlabana ngomklomelo weKwaZulu Natal Provincial Queen lokho kwaze kwaholela ekutheni agcine eseqokwa eba nguMiss Teen Interanational South Africa.

Ekhuluma emcimbini omkhulu obukade wenziwe uMkhandlu waseMandeni wokumamukela uNksz Mabaso ubonge kakhulu ukwesekwa athe ukutholile kubona bonke abantu baseMandeni namaphethelo.

Ezibongela uthe: “Ngithanda ukuthatha leli thuba ngizibongele kakhulu kubona bonke abantu abangesekile kulolu hambo lwami. Ngiyanibonga nonke bantu baseMandeni. Ngithanda ukubonga kakhulu nabazali bami nabo abakhombise ukungeseka okukhulu kulokhu engikwenzayo. Ngiyathembisa ukuthi ngizoqhubeka nokulwela impumelelo futhi.’’

IMeya yalo Mkhandlu uKhansela uThabani Mdlalose umhalaliselile uNksz Mabaso wamncoma kakhulu ngokuthatha indawo yaseMandeni akwazi ukuthi ayibeke ebalazweni.

UKhansela uMdlalose uthe mkhulu umsebenzi owenziwe uNksz Mabaso wamchaza njengowesifazane osamncane kodwa obonakala enekusasa eliqhakazile.