MAGAYE CELE

UMKHANDLU weTheku usutshale isamba semali esilinganiselwa ku-R55 million emkhakheni weZolimo eThekwini ngenhloso yokuthuthukiswa kwengqalasizinda yeZolimo kanye nokuthuthukiswa kwabo qobo abalimi.

Lezi zindaba zidalulwe yiloyo oyiMeya yalo Mkhandlu uKhansela uMxolisi Kaunda. UKaunda ubekade ekhuluma mayelana nomcimbi omkhulu wokuklonyeliswa kwabalimi baseThekwini ababonakala benza kahle kakhulu.

Lo mcimbi uhlelwe yiwona kanye uMkhandlu weTheku ubizwa ngokuthi yiSouth African Agricultural Awards (SAAA).

Lo mcimbi sekuvele kuqinisekisiwe ukuthi uzokuba ngomhlaka-25 kuJune kuwona lo nyaka ophezulu, kuvela ukuthi uzokube usingathelwe e-Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.

UKhansela uKaunda ube esekuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kuxhaswe abalimi baseThekwini.

Wathi lokhu ngezinye zezinto eziseqhulwini kubona njengoMkhandlu weTheku. Echaza ngalokhu uKhansela uKaunda uthe: “Njengobuholi obuphezulu bedoloha iTheku sikholwa ukuthi kuyinto emqoka kakhulu ukuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuthi kulekelelwe abalimi baseThekwini. Lokhu sizokwenza isiqiniseko njengoMkhandlu weTheku ukuthi nakanjani kuyenzeka.’’

UKhansela uKuanda uwuchaze njengengqophamlando yoqobo umcimbi wokuklonyeliswa kwabalimi abenze kahle beseThekwini.

Lokhu uthe ukusho ngoba kuzokube kungokokuqala nje ngqa emlandweni wedolobha iTheku ukuthi uke ube nemiklomelo eqondene nje ngqo nabalimi baseThekwini ababonakala besebenza ngokuzikhandla futhi ababonakala bethuthuka kakhulu emkhakheni weZolimo.

Phakathi kweminxa ekhona kule miklomelo kubalwa lena elandelayo. Young Farmer of the year, Nature Friendly Farmer kanye noweFarm Diversification neminye eminingi.

Kuvele nokuthi uPhiko i-Agri Business kuMkhandlu weTheku luzobambisana neSAAA okuyinhlangano engenzi nzuzo ukuze kuqinisekiswe ukuthi abalimi bahlonyiswa ngamakhono abawadingayo.