MAGAYE CELE

UMKHANDLU weTheku usezinhlelweni zokufakwa kwamakhamera ezindaweni zasemalokishini ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izigameko ezifuze ezifana nezokutapa ezenzeka ngo-2021 azenzeki futhi kalula.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yiMeya yalo Mkhandlu uKhansela uMxolisi Kaunda ngesikhathi ekhuluma ngokubaluleka kokuba kwenziwe isiqiniseko sokuthi zonke izinxanxathela zezitolo ezakhahlamezeka ngesikhathi kutatshwa azibe zisakhahlanyezwa futhi.

UMeya ukuchaze njengento enhle kakhulu ukuvulwa kabusha futhi kweBridge City okuyinxanxathela yezitolo yaKwaMashu enyakatho yeTheku.

Ecahaza uMeya ngalokhu uthe: “UMkhandlu weTheku usezinhlelweni ezihlabahlosile zokufakwa kwamakhamera ezindaweni ezisemalokishini. Lokhu sikholwa ukuthi kuyinto ebalulekile kakhulu. Futhi kuzokwenza umehluko omkhulu ekutheni kube lula nokuqapha konke okwenzakalayo ezindaweni ezisemalokishini.’’

UKhansela uMxolisi Kaunda uthe kuyinto esemahlombe abo njengoMkhandlu weTheku ukuqinisekisa ukuthi nakanjani izigameko ezifuze leziya azibuye ziphinde futhi zenzeke.

Ikhale ngokuthi zidala umonakalo omkhulu ngezindlela ezahlukene kubantu abaningi. “Baba baningi kakhulu abantu abazithola belahlekelwa yimisebenzi ngesikhathi somtapo. Ngenxa yaleso sizathu ke kumqoka kakhulu ukuthi njenoMkhandlu sisukume senze isiqiniseko esikhulu sokuthi lokhu akubuye futhi kwenzeke.’’

IMeya yeTheku ibuye yadalula nokuthi angeke baze bagcine nje ngokufaka amakhamera kuphela kodwa bazobuye baqinisekise ukuthi banezezela namaphoyisa kaMasipala ezindaweni ezisemalokishini.

Lokhu iMeya uKhansela uKaunda ithe ayingabazi nje nakancane ukuthi kungadala umehluko omkhulu ekuvikelekeni kwengqalasizinda yasemalokishini.

“Okunye esihlela ukuthi sikwenze ngokukhulu ukushesha lokhu ukuqinisekisa ukuthi sifaka amaphoyisa ezindaweni ezisemalokishini ukuze kuzoba lula ukuthi kugwemeke noma yini engalungile engenzeka,’’ kubeka uKhansela uKaunda.