MAGAYE CELE

USEMKHANKASWENI wokudala indathane yamathuba omsebenzi kanye nokuthuthukisa umnotho uMnyango wezoHwebo, iziMboni kanye nokuNcintisana eNingizimu Afrika.

Lezi zindaba zidalulwe yiloyo onguNgqongqoshe walo Myango kuleli, uNks Nomalungelo Gina. UNgqongqoshe uNksz Gina uveze lezi ziondaba ngesikhathi ehambele KwaDukuza enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal ngesikhathi kunefemu ebikade ivulwa ngokusemthethweni.

Igama lale femu ebikade ivulwa ibizwa ngokuthi yiLighthouse Footwear and Leather Factory okuvela ukuthi isungulwe ngabantu abaMnyama kuphela eminyakeni embalwa eyedlule.

UNksz Gina uthe uMnyango wakhe uzibophezele ekutheni wenze konke okusemandleni wawo ngenhloso yokuxhasa izinkampani ezahlukene ezigxile kakhulu ekukhiqizeni okusandwangu.

“SiwuMnyango wezoHwebo, iziMboni kanye nokuNcintisana sizimisele ngokuthi sizeseke kakhulu iziMboni zendwangu. Lokhu sikwenza ngoba siyakholwa ukuthi zinendima ezingayiklama ekudalekeni kwamathuba omsebenzi,’’ kuchaza uNgqongqoshe.

Eqhuba uthe njengohulumeni bayazigqaja kakhulu ngokuthi umkhakha wokusandwangu usukwazile ukuthi ugcine sewudala indathane yamathuba omsebenzi kuzona zonke iziFundazwe eziyisishagalolunye ezikhona eNingizimu Afrika yonkana.

Echaza ngalokhu uNgqongqoshe uNksz Nomalungelo Gina uthe: “UMkhakha wokusandwangu nokukhiqiza izicathulo usukwazile ukudala amathuba omsebenzi amaningi kakhulu ezweni lonke. Esewonke amathuba omsebenzi asedalwe yilo mkhakha alinganiselwa ku-84 373. Futhi unjalo nje lo mkhakha usufake umnotho olinganiselwa ku-3% okuyinto enkulu kakhulu.’’

Ngonyaka owedlule uMnyango awuholayo uNksz Gina uthe wagunyaza ukuxhaswa kwale femu yaKwaDukuza ngesamba semali eshisiwe.

“Isiyonke imali esagunyaza ukuthi kuxhaswe ngayo le femu ilinganiselwa ku-R5 million seyiyonke. Lokhu sasikwenza ngoba sasiqonda kahle kamhlophe ukuthi le femu izokuba neqhaza elingakanani ekudalekeni kwamathuba omsebenzi kule ndawo yaKwaDukuza,’’usho kanjena.

Eqhuba uNgqongqoshe uthe lesi kuseyisiqalo nje maningi amanye amafemu abazimisele ngokuwaxhasa.