MAGAYE CELE

UNDUNANKULU wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube ufuna bathole ukunakekelwa bonke abafundi abavela emakhaya ahlwempu ukuze kungeke kuze kukhinyabezeke ukufunda kwabo.

UNdunankulu uNkk Dube Ncube uthi ukholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi kube khona okwenziwayo ngehloso yokuqinisekisa ukuthi abafundi abavela emindenini ehlwempu basesiFundazweni saKwaZulu Natal bathola ukunakekeleka abakudingayo.

UNkk Dube Ncube ubekade eqhuba umkhankaso wokuhambela izikole ezahlukene zaKwaMashu enyakatho yeTheku ngaphansi komkhankaso obizwa ngokuthi yiBack to Schools Outreach Programme.

Ngaphansi kwalolu hlelo bangaphezulu kuka-200 sebebonke abafundi abanikelelwe ngemifaniswano yesikole basezikoleni ezahlukene zakhona KwaMashu.

Lokhu uNkk Nomusa Dube Ncube ukuchaze njengento ebalulekile kakhulu. Uthe njengohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal banxusa ukuthi kube khona ukulekelelwa kwabo bonke abafundi abavela emindenini ehlwempu.

Echaza ngalokhu uthe: “Kumqoka kakhulu ukuthi bonke abafundi abavela emindenini ehlwempu babonakale bethola usizo abaludingayo ngaso sonke isikhathi. Lokhu yinto nathi njengohulumeni ezingeni lesiFundazwe esizimisele kakhulu ngokuthi sibonakale siyenza ngaso sonke isikhathi.’’

Phakathi kwabafundi abahlomulile bezikole ezahlukene kubalwa abaseNqabakazulu High School, Khethamahle Primary Schhol, Duduzani Primary School kanye naseGobhogobho Primary School.

Kuzona zonke lezi zikole uNdunankulu uNkk Dube Ncube uthe bekulekelelwa kuphela abafundi okunesiqiniseko esikhulu sokuthi bavela emindenini ehlwempu.

“Lolu hlelo lukahulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal luhlose ukuthi luqinisekise ukuthi bonke abafundi bayaya esikoleni kungabibikho okudala ukuthi bagcine sebengasayi esikoleni,’’ kuphetha uNdunankulu.