MAGAYE CELE

UKHUTHAZA abantu abasha ukuba babhukule bangene kwezamabhizinisi usomabhizinisi ongumsunguli wenkampani icija amakhono abantu abasha, uMnuz Graham Sabela oyisiKhulu esiphezulu seG Force Employement Solutions.

UMnuz Sabela obalwa nabanye bosomabhizinisi basesiFundazweni saKwaZulu Natal asebemnkantshubovu kulo mkhakha uthi kumqoka ukuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokutshala uthando lwezamabhizinisi kubantu abasha.

Ngokusho kwakhe ukwanda kwabantu abasha abangena shi kwezamabhizinisi lokho kuchaza ukuthi sizoncipha kakhulu nesibalo sabantu abasha ababhekene nengwadla yokugqoza kwamathuba omsebenzi okuyifu elibonakala ligubazele isiFundazwe sonke saKwaZulu Natal.

Echaza uMnuz Sabela uthe: “Sesifikile manje isikhathi sokuthi abantu abasha bethu bagxile kakhulu ekutheni bafune ukudala amthuba omsebenzi kunokuthi bafune imisebenzi. Lokhu uma bengabaningi abantu abasha abakwenzayo kungaholela ekutheni sande isibalo sabantu abasha abangosomabhizinisi.’’

UMnuz Sabela uthe ukwanda kwabantu abasha abangena kwezamabhizinisi kuholela ekutheni sinciphe kakhulu isibalo sabamtu abasha basesiFundazweni saKwaZulu Natal abaswela amathuba omsebenzi.

Uthe ukholwa ukuthi kumele kube nochungechunge lwezigcawu oluzosetshenziselwa ukuthi kukhuthazwe abantu abasha baKwaZulu Natal ukuthi bangene kwezamabhizinisi.

“Kumele kube khona uhlelo esiba nalo lokukhuthaza abantu abasha bethu ukuthi bangesabi kodwa bangene kwezamabhizinisi. Uma bengakhuthazwa ngikholwa ukuthi nakanjani singanda isibalo sabantu abasha abangenayo kwezamabhizinisi,’’usho kanjena.

UMnuz Sabela uthe abantu abasha okumele bakhuthazwe ngokungena kwezamabhizinisi yilabo ababonakala benayo intshisekelo kanye nothando olujulile lokungena kwezamabhizinisi.

Isizathu salokho uMnuz Sabela uthe ukuthi ibhizinisi lidinga uhlobo lwabantu abakuthandayo ukuba sebhizinisini hhayi abaphoqiwe.

Uthe kodwa kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi eminyakeni embalwa ezayo sizobe sesisikhulu isibalo sabantu abasha basesiFundazweni saKwaZulu Natal abangena kwezamabhizinisi.