SANDILE MTHETHWA

UMEYA woMkhandlu waKwaDukuza,uKhansela uLindi Nhaca uthi bazokwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokulekelela abasebenzi basemapulazini.

UKhansela uLindi Nahca uthi kuyinto emqoka kakhulu ukunakekelwa kwabasebenzi basemapulazini.

Uthi ngokwezinhlelo zabo abazihlelile njengoMkhandlu wakwaDukuza kukhona abazokwenza ngenhloso yokulekelela labo basebenzi.

“Lezi zinhlelo zokulekelela abantu abasebenza emapulazini ziyinto emqoka kakhulu. Lokhu sizosukuma sikwenze ngoba siyaqonda ukuthi kumele nakanjani bakuthole ukulekelelwa abakudingayo,’’ usho kanjena.

Ngokusho kukaKhansela uNhaca uthi akumele ukuthi kuzitshwe ukuhlukumezeka kwabasebenzi basemapulazini.

“Lolu hlelo lokunakekelwa kwabantu abasebenza emapulazini lubalulekile ngoba ziningi kakhulu izinselelo abazithola bebhekene nazo,’’usho kanjena.

UKhansela uNhaca uphinde wakhuluma nangohlelo lwalo Mkhandlu olubizwa ngokuthi yiSenza Lula.

Lolu hlelo uKhansela uNhaca uthe lumayelana nokuthuthukiswa kosomabhizinisi bakuyona le ndawo yaKwaDukuza.

“Kumqoka kakhulu ukuthi balekelwe osomabhizinisi bakule ndawo. Kulolu hlelo kulekelelwa bonke osomabhizinisi ngale kokubheka ukuthi ngosomabhizinisi abadala noma abasathuthuka yini,’’kuchaza uKhansela uNhaca.

Uthe lolu hlelo lokulekelelwa kosomabhizinisi balusungule ngoba njengoMkhandlu waKwaDukuza bayakuqonda kahle kamhlophe ukuthi zibe ziningi kakhulu izinkinga ezigcine sezikhahlameza amabhizinisi ngesikhathi kuvumbuka igciwane lecovid 19.

Ukhulume nangohlelo athe bathola kulona uxhaso luka-R1 million, uthe kulolu hlelo osomabhizinisi bahlomula ngezinsiza kusebenza ezilinganiselwa ku-R50 000 ibhizinisi ngalinye.

Mayelana nabantu abasha uthe kunohlelo oluhlabahlosile lokulekelelwa kwabantu abasha ukuthi bathole izincwadi zokushayela.

“NjengoMkhandlu waKwaDukuza siyaqonda ukuthi kumqoka kangakanani ukuthi abantu abasha bethu bathole izincwadi zokushayela,’’ usho kanjena.