MAGAYE CELE

UMNYANGO wezokuThutha esiFundazweni saKwaZulu Natal usemkhankasweni wokuxhasa iziFunda ezahlukene zasesiFundazweni ngamabus.

Lezi zindaba ezithakaselwe kakhulu ngabantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal zidalulwe yiloyo onguNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Sipho Hlomuka.

Ubekade ekhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuba kwenziwe isiqiniseko esikhulu sokuthi abantu bakulesi siFundazwe abazitholi bebhekene nengwadla ngenxa yokugqoza kwezithuthi zomphakathi.

UMnuz uHlomuka uveze ukuthi uMnyango awuholayo usuthathe isinqumo esihlabahlosile sokuthi umane ubeke eceleni imali eshisiwe ezosetshenziselwa ukuthi kunikezelwe ngosizo lwamabus kwiziFunda ezahlukene zaKwaZulu Natal.

Echaza ngalokhu uMnuz uHlomuka uthe: “UMnyango wethu usaqhubeka namanje nohlelo olubonakala lubalulekile kakhulu lokwenza isiqiniseko sokuthi abantu bakulesi siFundazwe kabazitholi bebhekene nenkinga uma kukhulunywa ngendaba yezokuThutha. Lokhu yinto esesithathe isinqumo sokuthi simane siyibeke eqhulwini.’’

Udalule ukuthi kunemali elinganiselwa ku-R30 million ezosetshenziselwa ukuqinisekisa ukuthi luqhubeka ngaphendle kwezihibe uhlelo oluhlabahlosile lokuxhaswa kweziFunda ezahlukene ngamabus.

UNgqongqoshe uMnuz uHlomuka udalule ukuthi lolu hlelo seluvele selufinyelelile kwezinye zeziFunda zaKwaZulu Natal.

Uveze ukuthi njengemanje sebesalelwe yiziFunda ezimbalwa nazo athe kumqoka kakhulu ukuba lolu hlelo lwalolu hlobo lugcine lubonakala lufinyelela nakuzona.

Echaza uMnuz uHlomuka uthe: “Ezinye iziFunda lolu hlelo seluvele lufinyelelile kuzona. Njengamanje ngikholwa ukuthi sesisalelwe yiziFunda saseMzinyathi kanye nesiFunda saseHarry Gwala okuyibona ebebengakalutholi lolu xhaso olubalulekile kakhulu lwamabus.”

UMnuz uHlomuka uthe bafuna ukuthi iphenduke umlando indaba yenkinga yezinto zokuthutha esiFundazweni sonke saKwaZulu Natal.