SANDILE MTHETHWA

IMEYA ye-IFP eKing Cetshwayo seyenze isibophezelo esikhulu sokuqinisekisa ukufinyelela kwezidingo kubantu bonke kule ndawo.

UMnuz uThami Ntuli uthi kuyinto eyisibopho sabe njengeqembu leNkatha Freedom Party (IFP) ukuqinisekisa ukuthi abantu basezindaweni ezahlukene ezikhona esiFundazweni saKwaZulu Natal bayayithola intuthuko.

UMeya uNtuli uthe njengoMkhandlu basezinhlelweni zokuhambela izindawo ezahlukene ngenhloso yokusabalalisa intuthuko kubona bonke abantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

“Kuyinto emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba siqinisekise ukuthi abantu bakithi bayayibona ngampela intuthuko ifika kubona. Lokhu sikholwa ukuthi kuyinto okumele nakanjani ibonakale yenzeka. Siyazibophezela kakhulu ekutheni sizoyenza nakanjani,’’ usho kanjena.

Eqhuba uMeya uNtuli ukhulume nangokubaluleka kokuba kufukulwe abantu abasha basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Lokhu uthe kuyinto eseqhulwini kubona njengeKing Cetshwayo nanjengeqembu leNkatha Freedom Party kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal.

“Sizimisele kakhulu ngokuthi kube khona esikwezayo ngenhloso yokulekela abantu bakithi abasha abanentshisekelo yokuthi babe nekusasa eliqhakazile kukhona konke abakwenzayo empilweni yabo. Njengamaje uhlelo olumqoka kakhulu esizobalekelela ngalo olumayelana nokuthi bafinyelele kalula ezikhungweni zemfundo ephakeme,’’kuchaza uMeya uNtuli.

Ukhuluma kanjena nje sebevele sebeziqalile izinhlelo zokulekelela abantu abasha abafisa ukungena emanyuvesi esiFundazweni saKwaZulu Natal.

Mayelana nodaba lwamanzi uthe luwudaba olumqoka kakhulu. Wenza isibophezelo esikhulu sokuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu Natal abazitholi bebhekene nenkinga enkulu yokungabibikho kwamanzi kwezinye zezigxenye zesiFundazwe.

Muva nje iKing Cetshwayo ibikade inezinhlelo zokuhanjiswa kwentuthuko edidiyelwe ezindaweni ezahlukene zakhona KwaZulu Natal.