SANDILE MTHETHWA

UMKHANDLU weTheku oholwa nguKhansela uMxolisi Kaunda uhlongoza uhlelo oluhlabahlosile lwezobuchwepheshe lwamathoyilethe azihlanzela wona indle ukuze kugwemeke ukumosheka kwamanzi.

UMkhandlu weTheku obalwa neminye yemiKhandlu ehamba phambili ezwenikazi i-Afrika kanjalo nasemhlabeni nje jikelele ukholwa ukuthi lolu hlelo lungaba yisixazululo esikhulu ekunciphiseni ukumosheka kwamanzi okungenasidingo.

Kuvela ukuthi ezinsukwini ezimbalwa ezedlule uMkhandlu weTheku ugunyaze ukusebenza kwenkontileka ezobhekelela ukuhlola uhlelo oluhlongozwayo lwezobuchwepheshe lwamathoyilethe angadingi amapayipi.

Kuthiwa lolu hlelo oselufunwa ukusetshenziswa uMkhandlu weTheku lubizwa ngokuthi yiClear Full Recirculation Toilet lapho okuzobuyiselwa khona amanzi asesebenzile esigubhini sokushaya ithoyilethe.

Lolu hlelo uMkhandlu weTheku kuvela ukuthi uzoqala kahle ukuluhlola kahle ekuqaleni konyaka ozayo.

Ngalolu hlelo izindlu zangasese ziqongolela amanzi, umchamo okusuke kusendlini encane ebese amanzi ayahlungwa kabusha, ahlanzwe, ithoyilethe liwagcine ebese ephinda esesebenza futhi kabusha ngokuhamba kwesikhathi.

Lolu hlelo lunconywe kakhulu nayiloyo oyiNhloko oPhikweni lwamanzi kanye nokuthuthwa kweNdle ngaphakathi kuMkhandlu weTheku, uMnuz Ednick Msweli.

Uthe ukusetshenziswa kwalolu hlelo unesiqiniseko esikhulu sokuthi luzodala umehluko omkhulu uma kukhulunywa ngokongiwa kwamanzi kwiDolobha iTheku.

UMnuz uMsweli uveze ukuthi zikhona izindawo ezahlukene uMkhandlu weTheku osuvele uzihlonzile ukuthi kube yizona ezisetshenziselewa ukuthi kuhlolwe lolu hlelo lwezobuchwepheshe okukhulunywa ngalo.

Kuvela ukuthi lolu hlelo luxhaswe yinhlangano eyaziwayo nesizakhele igama kuleli ebizwa ngokuthi yiBill and Melinda Gates Foundation (GMGF).

INyuvesi yaKwaZulu Natal (UKZN) neProject Preparatory Trust (PPT) kuthiwa bazokuba yingxenye yokuhlolwa kwalolu hlelo.