SANDILE MTHETHWA

KUNEZINHLELO ezihlongozwayo okuhloswe ngazo ukuthi kuphuculwe indawo ethandwa kakhulu ngabantu abaningi baseThekwini, iShaka Marine World.

Inhloso enkulu yalokhu kuphuculwa kwale ndawo kuthiwa ukuthi kumele iqale phansi ibonakale idoba inqwaba yezivakashi ezivela eziFundazweni ezahlukene kanjalo nezivela kwamanye amazwe asezwenikazi i-Afrika kanye nezaphesheya imbala.

IsiKhulu esiphezulu sale ndawo, uMnuz Ndabo Khoza uthe kukhona asebevele bakuqalile ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi le ndawo bayenza ithuthuke kakhulu kunakuqala ngenhloso yokudoba izivakashi ezingaphezulu kwalezi ezifikayo kule ndawo.

Ngokusho kukaMnuz Khoza banesifiso esikhulu sokuthi indawo yabo yokungcebeleka iShaka Marine World igcina seyifinyelela esigabeni esiphezulu igcina seyibalwa ilinganiswa nezinye zezindawo ezahlukene zokungcebeleka ezaziwayo futhi ezihlonishwayo kakhulu emhlabeni nje jikelele.

Echaza ngalokhu uMnuz uKhoza uthe: “Kuyisifiso sethu esikhulu kunazo zonke ukuthi le ndawo iShaka Marine World ibonakale ithuthuka kakhulu ngaphezulu kwalokhu evele iyikhona njengamanje. Lokhu sikholwa ukuthi nakanjani kungenzeka.”

Eqhuba uMnuz uKhoza uthe bangakujabulela kakhulu ukuthi iShaka Marine World ithuthuke ize ifinyelele kwisigaba sendawo yezokungcebeleka yaseMelika ebizwa ngokuthi yiWlat Disney World eyaziwa umhlaba wonke ngenxa yezinga ekulona.

Ukhuluma kanjena nje uMnuz Khoza ucwaningo luveza ukuthi iShaka Marine World ngonyaka uwodwa ikwazi ukuthi idobe izikashi ezilinganiselwa ku-3million.

Kuvela ukuthi izivakashi ezilinganiselwa ku-850 000 kusuke kuyilezo ezisuke zingene endaweni yomtakabani lapho okusuke kuthengwe khona amathikithi.

UMnuz uKhoza ukhulume nangokuthi bazolungisa ingqalasizinda yaseShaka Marine. Uveze ukuthi kunemali elinganiselwa ku-R500 000 ebekelwe ukufeza lokhu.