MAGAYE CELE

UMKHANDLU waKwaDukuza oGwini olusenyakatho yesiFundazwe seKwaZulu Natal oholwa nguKhansela uLindiwe Nhaca usubuyise ilungelo lawo lasekuqaleni lokuhambisa intuthuko yezindlu kubantu abangamalungu omphakathi akule ndawo.

Leli lungelo lo Mkhandlu ulibuyiselwe uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esiFundazweni saKwaZulu Natal oholwa nguDkt Ntuthuko Mahlaba.

 Ngaphambilini kuzokhumbuleka phela ukuthi lo Mkhandlu ongaphansi kwesiFunda iLembe waphucwa leli lungelo ngenxa yezizathu ezithize.

Leli lungelo lokubyiselwa kwabo uMkhandlu unikezwe lona ngokwesigaba sesibili phecelezi level 2. 

Lesi sigaba sichaza ukuthi lowo Mkhandlu unelungelo lokwakhela abantu izindlu futhi uyakwazi ukumelana nemisebenzi yeqophelo eliphezulu emayelana nokuhanjiswa kwezidingo kubantu.

UMkhandlu waKwaDukuza ubalwa neminye yeMikhandlu eyisikhombisa yasesiFundazweni saKwaZulu Natal ukuba unikezwe leli gunya elibonakala limqoka kakhulu.

Lokhu kubuyiswa kwaleli gunya lalo Mkhandlu kwenzeke emcimbini omkhulu obukade uqhubeka eMpangeni, eMhlathuze nalapho kusayindwe khona ukubuyiswa kwamandla alo Mkhandlu.

Ukubuyiswa kwaleli lungelo kukuveza ngokusobala ukuthi uMkhandlu waKwaDukuza ubonakala usebenza ngokukhulu ukuzimisela lokhu uma kukhulunywa ngohlelo lokuhanjiswa kwezidingo kubantu ikakhulukazi mayenala nokufinyeleliswa kosizo lwezindlu kumalungu omphakathi.

Umthetho obizwa ngokuthi yiHousing Acts 107 kanyaka ka-1997 unikeza igunya eliphelele uMkhandlu ukuba ungabhalela uNgqongqoshe uma ufuna ukuthola leli lungelo. Ebebebhekelele izicelo bathole uMkhandlu waKwaDukuza ukulungele ukuthi unikezwe leli gunya.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu Natal, uDkt Mahlaba eminye iMiKhandlu ayinikeze lesi sigaba sesibili kubalwa le elandelayo.

UMkhandlu weTheku oholwa nguKhansela uMxolisi Kaunda, owaseMhlathuze, owaseNewcatsle, yi-Alfred Duma, yiRay Nkonyeni, uMsunduzi kanye nawo uMkhandlu waKwaDukuza.