Intatheli yeSivubela Intuthuko
Kulindeleke izinkumbi zabantu edilini lomculo wokholo, lapho uMfundisi Andile KaMajola ezobe ethula khona ibhulu lamaqoqo amaculo okholo elibizwa ngokuthi i-Journey of Psalms, Hymns & Spiritual Songs. Lomcimbi omangalisayo ohlelwe i-Elinda Productions ngokubambisana noKamaJola uzoba ngoMashi 15, 2025, e-Durban ICC, kanti unika abathandi bomculo wevangeli ithuba lokuba yingxenye yomlando omusha womculo namafa amasiko.
Leliqoqo linezingoma ezingcwele ezingaphezu kuka-300, neziwubufakazi bokubaluleka nokuphikelela komculo wevangeli. Liphinde libonakalise injongo yokugcina umlando namasiko, kuyilapho ligqugquzela izizukulwane ezintsha ngezingoma ezithinta umphefumulo.
UMfundisi u-Andile KaMajola, ubuholi bakhe obunombono obulethe lo msebenzi, uzwakalise ukujabula nokubonga kwakhe okukhulu, wathi lomcimbi uyinto enkulu ngaphezu komculo nje. “Lolu hlelo luwukuhlonipha amasiko ethu, izwi lokukhumbula okhokho bethu, kanye nesibani sethemba esizokhanyisa indlela ezizukulwaneni ezizayo. Incwadi yehubo yinhlekelele yokugcina le mikhuleko nemiyalezo enika amandla obunye nomphakathi.”
Lomcimbi uxhaswe nguMasipala wase-Thekwini, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye neZemvelo KwaZulu-Natal, kanye noHulumeni waKwaZulu-Natal – okuyinkomba yokubaluleka komcimbi wokukhuthaza umoya wobumbano ngomculo.
Izihambeli ezizobe zikulo mcimbi zizobhema zikholwe njengoba uzoba yinto engenakulibaleka, ebonisa ukusebenza kwabanye babaculi bokholo abadumile abazobe bebonisa ukujula nokuhlukahluka kwalomculo.
uMfundisi Andile KaMajola uthembisa ukuthi abantu bazokujabulela ukuba ingxeneye yalomcimbi nokuzoba usuku olungenakulibaleka, lapho ifa lethu lamagugu lihlonishwa khona ngothando.
