Lesi sitatimende sikhishwe uMasipala wasoLundi kuMnyango WezokuXhumana

ISEKELA lemeya yasOndini uNkk uThembelihle Gaba Madela namhlanje uhambele inhlangano ebizwa ngokuthi Amadlelo Aluhlaza Cooperative ekuWard 23 eDalton ngenhloso yokuyobona umsebenzi wezandla owenziwa abantu abasha kulendawo.

Lokhu kungezinye zezinto zomkhandlu eziseqhulwini okuwukuthuthukisa komnotho wendawo kanye nosomabhizinisi Ondini abasafufusa. Yingakho umkhandlu wasOndini usondela kakhulu kulemifelandawonye ngenhloso yokuyithuthukisa ngokuthile okusuke kuzobalekelela ukuba basimame.

“Kusihlabe umxhwele thina njengomasipala wasOndini ukubona abantu abasha bezibambela bona mathupha ngokuthi baye emasimini beyolima nokuyilapho abazosizakala khona kulesi sikhathi esinzima kangaka sokweswelakala kwamathuba emisebenzi. UMtwana wakwa Phindangene wasifundisa ukuzakha nokuzenzela. Sinxusa osomabhizinisi abanye nezitolo ziye ku lenhlangano ziyothenga lezi izithelo ukuze nephupho labo lifezeke badlondlobale nabo. “kusho iSekela leMeya uNkk Thembelihle Gaba Madela.