USUKU* : NgoMsombuluko, 9 kuNhlaba 2022
*ISIKHATHI* : 6h00 – 18h00 

Umphakathi waKwaDukuza uyaziswa ukuthi inkampani ephakela uMasipala wesiFunda iLembe ngamanzi Umgeni Water ucele ukuvala amanzi ngokushesha kusukela kusasa ekuseni ngehora lesithupha kuya kwelesithupha ntambama ngenhloso yokulungisa okuvuzayo kwisihlanzamanzi saseLower Thukela. 

Lokhu kuchaza ukuthi uKwaDukuza ngeke uphakelwe amanzi ngalezikhathi nokungaholela ekutheni amanzi aphume kancane noma aphele kulezindawo; Sakhamkhanya, San Souci, Shekembula, Ohlange, Mdlebeni, Lindelani, Shakaville, Zamani, Darnall, Zinkwazi, Blythedale, Stanger Manor, Warrenton, Doesburg, KwaDukuza Central Business District, Glenhills, Nyoniyamanzi, Lot 16, Gledhow North, Ntshawini, Groutville, Mission, Thembeni, Dube Village, Malende, Hangoes naseZilungisele. 

Umphakathi uyaziswa ukuthi kungenzeka amanzi angabibikho ngale kwalezikhathi ezibhaliwe ikakhulukazi ezindaweni ezinezigcinimanzi ezinomthamo omncane. 

Ukubika ipayipi elivuzayo kanye nanoma yini ethinta amanzi nokuthuthwa kwendle ungashayela kulezinombolo – 032 437 9371/9427 noma uthumele umqhafazo ngo WhatsApp kule nombolo 074-3444 508. 

_Umyalezo uvela kuMasipala wesiFunda iLembe_