USUKU: NgoMgqibelo, 12 kuNhlolanja 2022 ISIKHATHI: Kusukela ngehora lesiNe ekuseni kuya kwelesiNe ntambama Umphakathi uyaziswa ukuthi kuzobe kunokuphazamiseka kokuphakelwa kwamanzi kulezindawo; KwaDukuza Central Business District , Darnall, Zamani, Zinkwazi, San Souci, Sakhamkhanya, Ekamu, Mdlebeni, Sokesimbone, Glenhills, Town View, Hill Crescent, Industrial Area, Lindelani, New Guelderland, Warrenton, Stanger Manor, Oceanview, Indian Village, Sunny Park, Mbozamo, Shakaville, Blythedale Beach […]
MAGAYE CELE LUSEQHULWINI kwiMeya yesiFunda iLembe, udaba lokuqinisekisa ukuphuthunyiswa kwezinsiza kubantu kanye nodaba lokwakhiwa kwengqalasizinda eseqophelweni eliphezulu. Lezi zindaba ziqinisekiswe yiyona qobo iMeya yalesi siFunda, uKhansela uThobani Shandu. IsiFunda iLembe kuzokhumbuleka ukuthi sibunjwe ngoMasipala abane abangaphansi kwaso. Kubona kubalwa uMkhandlu waseMandeni, enyakatho yesiFundazwe iKwaZulu Natal noholwa nguKhansela Thabani Mdlalose. Bese kuba uMkhandlu waseNdwedwe enyakatho yeTheku wona […]
TSEPO MOTLOKOA UMNYANGO wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal ophathiswe uNgqongqoshe Jomo Sibiya sewuhlinzeke ngo-R15 million kubantu abakhahlamezeke ezikhukhuleni zakamuva ezishiye kukhalwa ezifundeni ezinini zesifundazwe abantu basala dengwane kumuka imizi yabo eminye icekelwa yisiphepho. Lo mnyango ube nomjikelezo uhambela izindawo lezo ezaba nabantu abayizisulu ngokumukelwa yimizi yabo kusukela esifundeni saseMgungundlovu, esasoThukela, ILembe nezinye izingxenye ezibhekwe wuMasipala waseThekwini. Abantu ababalelwa […]