TSEPO MOTLOKOA

IHHOVISI likaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal uNksz Nontembeko Boyce seliqoke ikomidi lamalungu esishayamthetho elizojutshwa ezifundeni ezinhlanu ezikhahlanyezwe yizikhukhula ukubheka ukuthi ngabe uxhaso oludluliselwe kubantu luyafika yini kulabo abasale dengwane.

Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba yiHhovisi likaSomlomo uNksz Boyce kuvela ukuthi njengoba uMengameli waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa ahlonza iKwaZulu-Natal njengesifundazwe esingena ngaphansi kwesenhlekelele kuneminikelo eminingi eyamukeliwe ukuzolekelela labo bantu ababe yizisulu zezikhukhula.

 USomlomo uNksz Boyce uthe lokhu kujutshwa kwamalungu esishayamthetho ezifundeni bafuna ukuthi lokhu okubikiwe kubona yilokho okuzobe kwenziwa kubantu abakhahlanyezwe yizikhukhula. Uthe umsebenzi wesishayamthetho ngukuqinisekisa ukuthi umthetho uyagcinwa nokuthi kuyahlangatshezwana nalokho okukhalisa abantu. NgoLwesihlanu kade kunomkhuleko wesifundazwe amalungu esishayamthetho ahambele amawadi aseThekwini ukuyobheka umonakalo odalwe yizikhukhula. Amanye abuye adlulela esifundeni seLembe, uGu, iKing Cetshwayo, uThukela  naseMgungundlovu. “Umonakalo waseThekwini mukhulu kakhulu njengoba lesi sifunda siyi-Metro esingenazo zonke izithombe ezithathwe ngabezindaba ukubona kahle wonke umonakalo owenzekile,” usho kanje.

UNksz Boyce ubekhuluma ngoLwesithathu lapho kade kuhleli khona amalungu kukhuzwa umhlola ngokwenzekile esifundazweni kulandela izimvula ezihlasele esifundazweni. Amalungu esishayamthetho alwamukele uxhaso oluvelile ukusiza abantu ngakho abe esezibophezela ukuthi azoqinisekisa ukuthi lufinyelela kubona bonke abantu abaludingayo. 

Ilungu elimele iMinority Front (MF) esishayamthetho uDkt Thakur Rajbhansi nelimele i-Economic Freedom Fighter (EFF) uMnu Vusi Khoza baphakamise ukuthi kungaba kuhle ukuthi leli komidi lamalungu kube ngelixube zonke izinhlangano ezikwi shayamthetho ukuze kuqinisekiswe ukuthi imali isetshenziswa kahle. Namanye amaqembu akushayele ihlombe ukuxutshwa kwamalungu ngezinhlangano zawo ukuze kungabi sengathi umsebenzi kaKhongolose wodwa ukubhekana nezidingo zabakhahlamezekile.