SECHABA MAKORO

INTENDELE iwele enkundleni ngomhlomulo kaR4 million ohlelelwe izikole zaKwaZulu-Natal nezase-Eastern Cape ozokhishwa ngabeHolywood Foundation ngenhloso yokunikela ngomfaniswano ezinganeni ezihlwempu ukuze kuthi kuqala unyaka ozayo zonke izingane zibe zinomfaniswano ophelele.

AbeHollywood Foundation bathi kuyingqayizivele yethuba kubona lokhu kukhipha kwabo lomhlomulo ozotholwa yisikole ngasinye kusukela kuR15 000 kuze kufike kuR30 000. Bathi bakholwa ukuthi lokhu abakuhlelile kuzokwehlisa ingcindezi kubazali uma kuqala unyaka kwazise iningi labo lisuke lingazi ukuthi lizothathani lihlanganise nani ukugqokisa abantwana babo umfaniswano uma kuqala unyaka. 

Kuvele ukuthi abeHollywood Foundation ukwenza lula umsebenzi wabo bahlele ukusebenzisana nezinkampani ezithize ezingamanxusa abo ukuhlonza lezo zikole ezifanelekile ukuthola uxhaso kuloR4 million womfaniswano. Phakathi kwamanxusa aqokiwe ukubalekelela kukhona uRobert Marawa, Carol Tshabalala noKevash Maharaj abaziwayo ekusakazeni ezemidlalo kumabonakude nasemisakazweni yakuleli. Kukhona nezinhlangano ezizimele ezingenzi nzuzo ezihlonziwe okuyiNomzamo Mbatha Lighthouse Foundation ezobe ilekelelwa amagatsha awu-96 eHollywood Foundation asabalele nezwe lonke laseNingizimu Afrika. AbeHollywood Foundation bathe bakujabulele nokusebenzisana nezihlabani eziningi kufaka phakathi uBlack Coffee ozolekelele ekudluliseni lomhlomulo ezikoleni zaKwaZulu-Natal nezase-Eastern Cape. 

UNkz Vuyisile Ngobese osophikweni lwezokuxhumana eHollywood Foundation uthe bahlele ukuthi zithi zivulwa izikole ngonyaka ozayo kube ukuthi zonke izingane zinomfaniswano ophelele ukuze zingahluki kwezinye ezifunda nazo. “Kulonyaka siwukhuphule kakhulu umkhankaso wethu we-Back to School ngoba sifuna ukushintsha impilo yabantu  abaningi. Silwela ukuthi kuzona zonke izinhlaka esibambisene nazo kube ukuthi ziba yilambu eliletha ukukhanya kubantu kubuye nethemba ngokuvela kwabo emphakathini ngenxa yokumela lokho okusezinhliziyweni zethu,” kusho yena.