SECHABA MAKORO

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuHlaliswa KwaBantu nemiSebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal uDkt Ntuthuko Mahlaba uhlela ukuhlangana nobuholi baBahlali Basemijondolo esifundazweni kubhekwe ukuthi kungasetshenziswana kanjani ukuze isimo semijondolo sibukeke kahle futhi sibe nesithunzi.

Abahlali Basemijondolo yinhlangano eyabunjwa ngenhloso yokuthi labo abaphila ngokuhlala emikhukhwini babe nezwi ukuze nabo bathole ukwakhelwa izindlu ezihloniphekile nezinesithunzi. 

UDkt Mhlaba ekhuluma esithangamini sabezindaba uthe uzimisele ukwakha ubudlelwano obuhle naBahlali Basemijondolo ukugcina inhlalakahle esifundazweni. “Kunohlaka esiphezu kwalo emnyangweni ukubheka ukuthi sizoya kanjani kubaholi baBahlali Basemjondolo ukuze esikuhlelayo kube yimpumelelo. Kuzothi uma konke sekusemgqeni sekumi ngomumo bese sihlela ukuhlangana nabaholi babo laba bahlali. Siyakholwa ukuthi izingxoxo esizoba nazo zizothela izithelo ezinhle. Siyethemba ukuthi kuzothi ngesonto elizosombuluka liyothi liphela sizobe sesihlangene naBahlali Basemijondolo. Lapha kudingeka ukusebenza ngokubambisana kwazise kunodaba olumqoka lokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo nathi esinezwi kulokho,” usho kanje.

USihlalo waBahlali Basemjondolo uMnu Sibusiso Zikode uthe uyasamukela isiphakamiso soMnyango wezokuHlaliswa KwaBantu sokwakha ubudlelwano obuhle bokusebenzisana lokho obekukhuthazwa nawuMnu Jomo Sibiya obewuNgqongqoshe wawo lo mnyango osephumile. Uthe kabasakwazi ukulinda ngokuhlangana noDkt Mahlaba nethimba asebenzisana nalo kulo mnyango. “Kuyasijabulisa uma uMnyango wezokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal wandisa ukuhlangana nathi ukuze sixoxe ngodaba olumqoka lwezindlu kubantu abakhele isifundazwe. Sikholwa ukuthi uDkt Mahlaba uzoza nalokho nathi esizokuqonda kwazise kukhona esake sakubhalela ithimba lomnyango sifuna uhlangabezane nokukhala kwethu,” usho kanje.

UMnu Zikode bangabantu abakwaziyo ukunikeza omunye umuntu inhlonipho kwazise noMnu Sibiya babemnikeza indawo yakhe.