SECHABA MAKORO
KUNYUSE ithemba lokukhuphuka komnotho waseMgungundlovu nowesifundazwe saKwaZulu-Natal ukuvakashela kweqembu laphesheya kwezilwandle elihlonishwayo i-The Manhattans elinyathele emagcekeni aseRoyal Showground okokuqala ngqa emlandweni lizopha abalandeli balo ukudla kwendlebe.
I-The Manhattans yase-United State of America (USA) ngelinye lamaqembu esemlandweni ngokuhlonishwa ngendondo ehlonishwayo ezweni i-Grammy Award ngenxa yomculo walo nokuthakaselwa komculo walo emhlabeni jikelele.
Phakathi kwamanoni elingaphumi esiteji lingazange liwahlephulele abalandeli bomculo walo yi-Kiss and Say Goodbye, Shining Star, There’s No Me Without You, I kinda Miss You namanye. Ngeledlule i-The Manhattans itheleke eCascade Mall eMgungundlovu izophola nabalandeli. Libe selihambela esifundazweni sase-Eastern Cape nakhona liyokwenza okufanayo emcimbini obubizwa nge-Heart & Soul obise-Abbotsford Christian Centre e-East London. Emini ngoMgqibelo libe selicula bukhoma phambi kwabalandeli ezinkundleni zaseRoyal Showground eMgungundlovu emcimbini obubizwa nge-Midlands Music and Heritage Experience.
UZazi Nxele weZazi Media and Events ongomunye wabebehlela ukufika kwaleliqembu eMgungundlovu ucashunwe kwamanye amaziko ezindaba ethi inhloso yabo yokuletha i-The Manhattans eMgungundlovu ukuthuthukisa umnotho njengoba bebaningi abantu bakwezinye izindawo abebethutheleke eMgungundlovu ukuzozibonela leli qembu linandisa bukhoma.
Phakathi kwamaciko abhulele i-The Manhattans amazolo uLloyd Cele, Grooves Assorted noNeo Moroka. Uhlelo beluphethwe umsakazi weGagasi Fm uCollen Zondo nowe-East Coast Radio uDave Gusselli.