SECHABA MAKORO

UNDUNANKULU wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube futho ongowokuqala wesifazane ukuhlala esihlalweni esikhulu kangaka sokuhola isifundazwe wethula umbiko wokuqala wokuqeda izinsuku eziwu-100 esehhovisini selokhu aqokelwa kusona kwakushenxa uMnu Sihle Zikalala obehola lesi sifundazwe.

UNkk Dube-Ncube uncoma ukusimama komnotho kulezinyaka ezingaphansi kwezine esehhovisini naphezu kokuba isifundazwe besibhekene nezingqinamba eziningi zokubuyisela isimo kwesejwayelekile selokhu kwahlasela iCovid 19 kwabuye kwatatshwa ezitolo kwahlasela nezikhukhula ezaphazamisa kakhulu ingqalasizinda. Uthe umsebenzi omkhulu njengamanje ngowokubuyisela ithemba nokulungisa lokho obekonakele esifundazweni. Uthembise ukuthi ezinhlelweni zakhe esehhovisi kakunamuntu oshoyeke ngaphandle ekuhlomuleni ngokusimamiswa komnotho waKwaZulu-Natal. “Izehlakalo eziningi ezihlasele isifundazwe nokukhala kwabantu kwangithinta kakhulu lokho okwenza ukuthi nxashana ngingena ehhovisini likandunankulu waKwaZulu-Natal kube ukuthi ngizoletha ithemba kubantu ngokuthi kube khona okulungiswayo ukubuyisela lobuya buhle obabaziwa ngesifundazwe sethu. Izinhlelo ezikhona ngezokuthi kuthi ngesikhathi kulungiswa isifundazwe kube ukuthi kuvuleka amathuba omsebenzi ukuze abantu bakwazi ukucosha okokuxosha ikati eziko badle nemindeni yabo,” kusho yena.

UNkk Dube-Ncube akayishiyanga ngaphandle eye-COVID 19 kwazise yashiya izibazi ezinhliziyweni zabaningi njengoba kusekhona abasazikhotha amanxeba nabasenezilonda ezisabhibha ngenxa yenhlupheko eyadalwa yilombhedukazwe. “Njengoba sisehhovisini kumele sisebenze ngamandla ukuphumelelisa lokho okuseqhulwini ezinhlelweni zethu ezizothuthukisa izifundazwe sethu. Sihlele ukubheka zonke izingqinamba ezikhungethe umphakathi esiwuholayo nokuthi silungise umonakalo owadaleka. Sihlele ukuphuthumisa lonke uhlobo lwentuthuko ngoba okuyikhona esiphokophelele ukukubona ngukugqama kweKwaZulu-Natal ibe ngeyethemba kuwona wonke umuntu. Lokho sikholwa ukuthi kuzoheha abatshalizimali okuzolekelela ngokuthi umnotho wesifundazwe usimame ngokushesha. Ngangisanda kungena ehhovisini kwangijabulisa ukubona inkampani enkulu yezimoto zakwaToyota ibuyisela isimo sayo kwesijwayelekile okuyikhona esikufunayo ukubona izimboni ezisesifundazweni zibuyela endleleni yazo ezazisebenza ngayo phambilini,” ubeke kanje.