UNGQONGQOSHE, uMnuz Sipho Hlomuka

MAGAYE CELE

LOYO onguNgqongqoshe wezokuThutha esiFundazweni saKwaZulu Natal, uMnuz uSipho Hlomuka usememezele isamba semali eshisiwe esizosetshenziselwa ukulungiswa kwemigwaqo yasePort Shepstone, oGwini oluseningizimu yesiFundazwe saKwaZulu Natal.

UNgqongqoshe, uMnuz uHlomuka wenze lesi simemezelo ngesikhathi kunembizo ebihlelwe wuhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal kanye namalungu omphakathi akule ndawo.

UMnuz uHlomuka umemezele ukuthi izoba ngu-R500 million seyiyonke imali ezosetshenziselwa ukulungiswa kwemigwaqo yasePort Shestone eminingi yayo esigugulekile.

UMnuz uHlomuka uthe kumqoka kakhulu ukuthi uhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal ubonakale kuba khona okwenzayo mayelana nokulungiswa kwengqalasizinda ikakhulukazi ukulungiswa kwayo imigwaqo ukuze abantu bangeke baze bazithole bephazamiseke kwinhlalonhle yabo ngenxa yengqalasizinda ekhinyabezekile.

Echaza ngalesi samba semali eshisiwe esesibekwe eceleni ukuze kulungiswe imigwaqo yasePort Shepstone uNgqongqoshe uHlomuka uthe: “Njengohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal sesithathe isinqumo sokuthi sibeke eceleni imali elinganiselwa ku-R500 000 000. Le mali inhloso yayo enkulu kuzoba ukuthi isetshenziselwe ukuthi kulungiswe imigwaqo esendaweni esoGwini lesiFundazwe saKwaZulu Natal.’’

UNgqongqoshe uHlomuka ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba imigwaqo yasesiFundazweni saKwaZulu Natal ibonakale isesimweni esikahle ngaso sonke isikhathi.

Lokhu uNgqongqoshe uHlomuka uthe kuyalekelela kakhulu nasekutheni kugcine sekugwemeka nenqwaba yezingozi zezimoto ezinyantisa igazi eziye zibonakale zikapakela kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal namaphethelo.

UMnuz uHlomuka umemezela lesi samba semali sokulungiswa kwemigwaqo yasePort Shepstone nje kuzokhumbuleka phela ukuthi imigwaqo eminingi esoGwini lwesiFundazwe saKwaZulu Natal yakhinyabezeka kakhulu ngesikhathi kuhlasela izikhukhula zaze zagadla kabili ngesikhathi esilinganiselwa ezinyangeni eziyisithupha nje kuphela.

Amalungu omphakathi akule ndawo akushayele eihlombe elikhulu ukuzwa ngalesi simemezelo sikaMnuz uHlomuka.