SECHABA MAKORO

UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal ophathiswe uMnu Sihle Zikalala sewukhiphe isexwayiso kosonkontileka kulandela ukusabalala ezinkundleni zezokuxhumana ukuthi sekukhona abantu asebezenzela inzuzo ngempahla okuhloswe ngayo ukwakhela izisulu zezikhukhula zango-April.

Lokhu kubikwe ukuthi kwenziwa kakhulu eNdwedwe lapho kuvela khona ukuthi sekukhona asebezinothisa ngempahla okumele ngabe ilekelela abantu abasala dengwane babedilikelwa yimizi yabo ngenxa yezikhukhula ezashiya umonakalo omkhulu kwezinye izifunda zaKwaZulu-Natal.

Isitatimende esikhishwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal sithe uma kuwukuthi lemibiko iyiqiniso kumele bonke abantu besifundazwe babambe iqhaza ukuze kunqandwe lokhu. Sithe lokhu kuphambene nomthetho futhi kumele abatholakayo benza lokho bajeze ngokuganga kwabo. Isitatimende sithe izenzozaloluhlobo zidunga umsebenzi omuhle owenziwe wuhulumeni wasekhaya nowesifundazwe wokugcina inhlalakahle kubantu baKwaZulu-Natal. “Sinxusa izinhlaka zomthetho zingenelele ukuze kwenziwe ubulungiswa ngokudlala ngempahla kahulumeni. Siyafisa ukuthi uma kukhona onobufakazi balokhu okuvelayo baphumele obala ngokubika emaphoyiseni aseduzane nabo. Sifuna nezinhlaka zomthetho ukuba zizithathele phezulu lezinsolo ngoba kumele kwenziwe ubulungiswa ngokuvikelwa kwabantu,” kusho isitatimende.