SECHABA MAKORO

IZIHLAHI zivakashela izindlebe ebuholini bakaMasipala waKwaDukuza ngenhlolovo yabe-Blue Flag Beach Status abeka phambili amabhishi njengoba ethola u-70% njengakulungele ukumumatha abantu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.

AbeBlue Flag Beach Status baklomelise amabhishi amathathu asogwini olusenyakatho okuyiWillard Beach, iThompson’s Bay neBlythedal Beach ngokuba phambili ekulungeleni ekusingatheni abantu abazobe bengcebelekele kuwona ngamaholidi.  

Akusikhona okokuqala uMasipala waKwaDukuza uklonyeliswa ngamabhishi awo njengoba ngo-2022-2023 uchonywe uphaphe legwalgwala nowaseRay Nkonyeni. Labo masipala banconywe ngokuqikelela inhlanzeko, ukuphepha, nokuqikelele ekuvikeleni imvelo. 

UKhansela Lindile Nhaca oyiMeya kuMasipala waKwaDukuza uthe lezindaba zokunconywa kwamabhisho abo zifike ngesikhathi esihle lapho abantu bezobe bengcebelekela emabhishi kwazise kuqala isikhathi samaholidi okuphela konyaka. Uthe sebemi ngomumo ukwamukela abantu abazobe bezongcebeleka emabhishini abo. “IKwaDukuza ingezinye zamadolobha awu-51 aseNingizimu Afrika asetholwa ukuhlonishwa ngokuhleleka kwawo. Siyajabula ukuthi singena enkathini yamaholidi okuphela konyaka sihambela phezulu sinokuzethemba sazi ukuthi amabhishi ethu akleliswe ngawasezingeni lomhlaba uma kuza ngakwimakethe. Sesikulungele uusingathi aizhambeli zethu ngamaholidi,” kusho uKhansela Nhaca. 

Lezindaba zokunconywa kwamabhishi aKwaDukuza zithokozelwe nangabeLembe Chamber of Commerce, Industry and Tourism njengoba uCobus Oelofse oyi-Chief Executive Officer (CEO) uthe lokhu okwenzekile kufike kahle kakhulu ngesikhathi belungiselela ukwamukela umthamo wabantu abazobe bezongcebeleka emabhishi abo. “Simi ngomumo ukunakekela abantu ngokuthi imithetho elawula ukusebenza komasipala iyagcinwa njengokuthi singavumeli abantu baphuze utshwala noma kuphi. Sibonga zonke izinhlangano ezizimele ezizikhandlini ukuthi siwumasipala sinconywa ngaloluhlobo. Lokho kusho lukhulu kithina futhi kuletha ithemba ngokusimama komnotho wendawo esiyakhele,” kusho yena.