UKHANSELA weTheku uKhansela uMxolisi Kaunda.

MAGAYE CELE

UMKHANDLU weTheku usubeke eceleni imali elinganiselwa ku-R250 million wokulungiswa kwengqalasizinda kuleli dolobha.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yiloyo oyiMeya yaloMkhandlu, uKhansela uMxolisi Kaunda okuchaze njengento emqoka kakhulu ukubalueleka kokulungiswa kwengqalasizinda yeDolobha iTheku.

UKhansela uKaunda uveze ukuthi le mali esibekwe eceleni izoqala ngokuthi isetshenziselwe ukulungiswa amapayipi okuthutha indle.

Lokhu uKhansela uKaunda uthe kumqoka kakhulu ukuba kwenzeke ukuze idolobha iTheku bezoqinisekisa ukuthi libukeka lisesimwemi esikahle ngaso sonke isikhathi.

Echaza ngalokhu uKhansela uMxolisi Kaunda uthe: “Sizizwa sithokozile kakhulu ukumemezela ngokusemthethweni ukuthi uMkhandlu wedoloba iTheku sewuthathe isinqumo esiphusile sokuthi ubeke eceleni imali eshisiwe ezosetshenziselwa ukulungiswa kwamapayipi okuthutha indle.”

Eqhuba uKhansela uKaunda uthe ukholwa ukuthi lesi kube yisinqumo esiphusile kakhulu nesibonakala sihlabahlosile.

Uthe njengoMkhandlu weTheku bazibophezele ngokuthi benze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yedolobha iba sesimweni esikahle kakhulu.

UKhansela uKuanda uthe ingqalasizinda yedolobha iTheku yakhahlamezeka kakhulu ngesikhathi kuhlasela izikhukhula ezabuya kwaze kwaba yizikhawu ezimbili kwisikhathi esingangezinyanga eziyisithupha.

UMeya uKaunda udalule nokuthi le mali ebekwe eceleni izophinde isetshenziselwe ukulungiswa kwengqalasizinda yeziphehli zamanzi ezilekelela ekutheni abantu baseThekwini bangawesweli amanzi.

Udalule ukuthi kuzolungiswa isiphehli sokuthutha amanzi esisoHlange esibizwa ngokuthi i-Ohlange Sewer Pump Station.

Lesi siphehli samanzi sibalulekile kakhulu edolobheni iTheku njengoba siphakela ibhishi laseMhlanga kanye nomfula wasoHlange.

UKhansela uKuanda uthe bahlose ukuthi lolu hlelo lube seluphothuliwe ngaphambi kokuba kuphele unyaka ka-2022.

Ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokulungiswa kwengqalasizinda athe kuseqhulwini kuMkhandlu awuholayo.