SECHABA MAKORO

KUQHILIKA izihlathi ezikhulwini zoMkhandlu weTheku njengoba lelidolobha licikice isivumelwano seminyaka emithathu sokuqhubeka nokusebenzisana nabe-Africa’s Travel Indaba 2023 njengoba iTheku seliphenduke ikhaya labo.

UMnu Musa Mbhele iMenenja kaMasipala waseThekwini ibonge ubudlelwano obuhle obakheke ebangeni elide abalihambe nabe-Africa’s Travel Indaba ebenza umbuthano othathwa njengemikhulu eNingizimu Afrika bese kuhlomula idolobha laseThekwini. Ubonge ukwethenjwa kwedolobha labo njengelifanekile ukusingatha lombuthano omqoka kakhulu ezwenikazi lase-Afrika. 

Khonamanjalo uMnu Mxolisi Kaunda oyiMeya yaseThekwini ithe umkhwenyana ulele kwabo ngokuphinde kuqokwe idolobha labo ukuba liqhubeke nokusingatha lo mbuthano osezingeni eliphezulu. Uthe ukuqhubeka nokusingatha i-Africa’s Travel Indaba kuyingqayizivele yethuba ngoba lapha kusuke kwenziwe umcimbi oqhakakambisa imikhiqizo yaseNingizimu Afrika. “Sinxusa bonke osomabhizinisi ukuba basebenzise ithuba elingajwayelekile lokubhalisela ukuba yingxenye yalombukiso kwazise ukuthi selivuliwe ithuba lokuba babhalise. Sifisa ukuba kungasali noyedwa wosomabhizinisi abahweba edolobheni laseThekwini ukuba yingxenye ye-Africa’s Travel Indaba uma ibuya. Kusezinhlelweni zethu ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abafufusayo ngakho kasifisi ukubabona bevaleleka ngaphandle uma kukhona amathuba avelayo lapha edolobheni lethu,” kusho uMnu Kaunda.

Ibamba lesikhulu esiphezulu seTourism KwaZulu-Natal uMnu Nhlanhla Khumalo uthe bayasijabulela isivumelwano esicikicwe ubuholi bukaMasipala waseThekwini nabe-Africa’s Tourism Indaba sokuqhubeka nokusebenzisana iminyaka emithathu. Uncome lombuthano njengomkhulukazi okwazi ukuheha izivakashi zamazwe omhlaba. Uthe lokhu kusingatha kweTheku i-Africa’s Travel Indaba kuhle ngoba kuzolekelela umnotho owakhinyabezeka kwakuhlasele iCOVID-19 kwaphinda kwahlasela izikhukhula ezacekela ingqalasizinda enkulu ngoMbasa (April) nonyaka.