SECHABA MAKORO

UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ngaphansi kobuholi bukaNkk Nonhlanhla Khoza owuphathisiweyo ngethikithi likaKhongolose uzishaya isifuba ngokuba nohlelo lokufukula intsha ikakhulukazi leyo ephuma emakhaya adla imbuya ngothi.

Lo mnyango uthathe amehlo ngesikhathi uklomelisa intsha ngezitifiketi ngaphansi kohlelo lwamakhono obelwenziwa eWentworth Youth Development Centre eThekwini. Loluhlelo lomnyango lwethulwa ngokusemthethweni ngo-2012 ngenhloso yokuzothuthukisa intsha kwezamakhono. Phakathi kwentsha ebhekwe kakhulu yileyo etakulwe ngosonhlalakahle ingene yavela ngesiphanga ekusebenziseni izidakamizwa kanjalo naleyo ephuma emajele bese kube yileyo evela emindenini okunzima ukufaka izingane ezikhungweni zemfundo ephekeme ukuze ziqeqeshelwe imikhakha leyo eziyithandayo. Okwamanje lomnyango useqeqeshela intsha eWentworth, eVuma eShowe  naseSicabazini eMkhanyakude kodwa uzibophezela ukuthi uhlose ukusabalala naso sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal ukulekelela intsha kwezamakhono. Lapha intsha iqeqeshelwa amakhono ngokubambisana namaTVET College kufaka phakathi ukupheka, ukusebenzisa iComputer, ukulungisa ugesi nokunye. 

Ekhuluma emcimbini wokuklonyeliswa kwentsha ephumelele uNkk Khoza uthe lulohlelo luhle kakhulu ngoba kuhloswe ngalo ukwehlisa isibalo esiphezulu sentsha engaqashiwe. “Kuyasithobisa lokhu kuqeqeshwa kwentsha ngoba kunikeza izingane zethu ithuba lokukwazi ukusebenzisa i-computer njengoba ziyifundiswa nayo. Sijatshuliswa ukuthi phakathi kwalentsha ethweswa iziqu namhlanje phakathi kwayo kukhona leyo ezoziqalela amabhizinisi azoziphilisa ngayo bese kuba naleyo ezongqongqoza ezinkampanini ezithile isebenzisa zona lezi zicucu ezithole ngaphansi kokuqeqeshwa wuhulumeni. Sibambisene nezikhungo ezithile ukulekelela lentsha ngokuthi ifunde njengoba iningi layo itonyulwe iyimilutha yezidakamizwa sayiqoqa ngoba sifuna ukuba ibe ngabantu abaqotho kusasa. Sibonga bonke ababambe iqhaza basebenzisana nomnyango wethu ukuze loluhlelo lube yimpumelelo. Sikholwa ukuthi ukuthweswa kwalentsha imiyezane kuzoletha ithemba ngokwehla kwesibalo sabantu abangasebenzi iningi okuyintsha esifundazweni sethu,” kusho yena.