SECHABA MAKORO

OWEMIDLALO yomoya kuKhozi FM uphonsela amaciko inselelo yokwenza okuthile kwezemfundo ukufaka uthando ezinganeni kwazise amanye awo ayisibonelo esihle entsheni ekhulayo.

UPhumzile Kubheka owaziwa kakhulu ngoPK kwezokulingisa futhi ongumqondisi woBhaqa Network okuyingangano engenzi nzuzo oseneminyaka eyevilwe kwengu-20 eyibambile emidlalweni yomoya kuKhozi FM utusa inhlangano yakhe ngokuhle ekwenzela abafundi bezikole zaseCato Manor. Ubalule ukuhamba kahle  komkhankaso awuqalile wokuhambela izikole ezakhele lendawo eyoklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso kaGrade 12 nyakenye. 

UBhaqa Network luxhasa labo bafundi ababhekene nomqansa wokubhalisela ukuqala izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme. “Umkhankaso wethu sasiwuqala wawugxile eCato Manor kodwa ngenxa yesasasa lawo sewukhulile njengoba sesikapakele nakwezinye izindawo ezakhele iTheku. Ngesonto eledlule besiKwaDabeka ngoba sibheke kakhulu ukulekelela abafundi abasezindaweni zabantu abamnyama futhi okuyilabo abadonsa nzima kwezezimali. Nonyaka sihamba ngegiya eliphezulu ngoba siphuthumela ukuyolekelela intsha leyo efuna ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuze nayo ifezekise amaphupho enawo ngempilo yayo,” kusho yena.

Umhloli wezikole ezingaphansi koMlazi District uNkk Nokujabula Semnwamadi woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal owumqondisi we-Youth Development and Gender Equality ukuncomile ukusebenzisana naboBhaqa Network ethi kuningi osekuzuzwe ngabafundi ngalobu budlelwano ababuqala nabo. Uthe bazivulile izandla ngokusebenzisana nezinhlangano ezisemphakathini ngoba inhloso yabo ngukwakha umuntu omusha ngokuthi akwazi ukuzimela empilweni. “Ukuhlanganyela naboBhaqa kuleminyaka kusilekelele kakhulu ngoba beza nezinto ezinhle eziletha ithemba kubafundi ezikoleni njengoba abanye bagcine bengabaza nokuqhubeka nezifundo zabo ngoba bazi ukuthi abazali babo ngeke babe nawo amandla okubafaka ezikhungweni zemfundo ephekeme. Ukufika kwaboBhaqa ezikoleni esizibhekile kuyabakhuthaza abafundi kakhulukazi uma bebona ozakwabo benikezwa amasheke emali abazobhalisa ngayo ukuqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kusemigomweni yethu ukubona intsha iphumelela ikwazi ukuzimela kuthi nalabo asebephumelele empilweni babuye bezotakula abangemuva,” usho kanje.