SECHABA MAKORO

LIYAQHUBEKA nokukhazimula igama likaMasipala waKwaDukuza ngokwezincomo zomcwaningi-mabhuku njengoba lo masipala uthole umbiko ongenangcobho utuswa ngokusebenzisa kahle imali yabakhokhintela obuhlinzekwe yona ngo-2021-2022.

UKhansela Lindile Nhaca oyimeya yaKwaDukuza uthi lokhu kwenza kahle kwabo iminyaka ewu-16 kukhombisa ngokusobala ukuthi bayayazi into abayikhethelwa ngabantu ezikhundleni abakuzona. Amukela umbiko wezincomo zomcwaningi mabhuku ukhansela Nhaca uthe nobebungabaza ubuholi baKwaDukuza uzovuma ukuthi bakhethwa baziwa ukuthi buzoziphatha kahle izimali zomphakathi. “Lokhu kunconywa kwethu njalo kuveza ngokusobala futhi kuwubufakazi bokuthi izimali zentuthuko yomphakathi zishiywe wuhulumeni ezandleni ezifanalekile. Lokhu kasikwenzi ngamlingo kodwa kungukulandela ngendlela efanele lokho okushiwu wuhulumeni ngokuqikelela ekusebenziseni ngendlela efanele imali yomphakathi. Siyakujabulela ukuthi lokhu kunconywa kwethu ngokusebenzisa kahle imali yentuthuko yomphakathi kungokwesi-17. Lokhu kukodwa kusho lukhulu kithina futhi kuveza kahle ukuthi sihlolwe savivinywa kwabonakala ukuthi sifanelekile ukusingatha izimali zomphakathi ngenxa yokuzisebenzisa kahle kulokho okusuke kudingeka imali isetshenziselwe khona ukuthuthukisa abantu baKwaDukuza. 

Ngokwezincomo zomcwaningi mabhuku kuvela ukuthi uMasipala waKwaDukuza muhle kakhulu ekusingatheni izimali zomphakathi naphezu kokuba isimo somnotho singaqinile kahle. “Naphezu kokuba singaphansi kwesimo somnotho ontengayo kodwa sibonga ukukhula nasekuqikeleleni ukuthi imali esiyabelwe nguhulumeni ekuthuthukiseni abantu siyisebenzisa ngendlela leyo elindelekile. Sibonga ukuthi sikwazile ukuphulukundlela ezintweni ebezithikameza intuthuko kusuke ekubhedukeni kweCOVID-19, ukuluthwa kwezitolo nezimboni kuze kufuke ezikhukhuleni ebezihlasele nyakenye. Umasipala waKwaDukuza uyazi ukuthi ukweleta labo bantu besifazane nabesilisa abahlezi besebenza ngokuzikhandla ukugcina ilambu lalomasipala likhanyela wonke umuntu waKwaDukuza. Ngifisa ukubonga bonke ababambe iqhaza besebenzisana nomcwaningi mabhuku kusukela ethimbeni langaphakathi kwamasipala nabazimele abasebenze ngokuzikhandla bebheka ukuthi siziphathe kanjani izimali zomphakathi. Sijabuliswa ukuthi kakukho okuthimulisayo njengoba nomcwaningi mabhuku ekufakazele lokho. Sibonga nokuthi uphiko olubhekele ukukhipha amathenda kalizange lenze umsebenzi walo ngendlela engagculisi. Siyazibophezela ekusebenzeni ngobuqotho ukugcina nokusebenzisa kahle imali yentuthuko ehlinzekelwe uMasipala waKwaDukuza,” kusho isitatimende esikhishelwe abezindaba nguphiko lwezokuxhumana kuMasipala waKwaDukuza.