SECHABA MAKORO

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla “MaNzimande” Khoza utusa izisebenzi zomnyango awengameleyo ezizinikele ngokuqikelela ukuthi lokho okumelwe yilomnyango kuyenzeka nabantu besifundazwe bayaluthola usizo abasuke beludinga emnyangweni wabo.

UNkk Khoza unxenxa zonke izisebenzi zeminyango kahulumeni ngokuhlukana kwayo ukuba zikugcine ngaso sonke isikhathi lokho eziqashelwe khona ukuba yizisebenzi zomphakathi. Uzikhuthaze ngokubeka phambili abantu kuqala kunokuzibeka zona. “Kuyangithobisa ukubona izisebenzi zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ziqinisekisa ukuthi umnyango uhleli uyithemba kulabo elibalahlekelyo. Sibonga ukuba nezisebenzi eziqikelelyo ukulola umnyango wethu ziwugcina ucwebezela lokho okubuyisa ithemba ngokusebenza kwethu nokuthi labo abaswele bayasizakala,” usho kanje. 

Ekhuluma ngempelasonto emcimbini wama-Service Excellence Awards obuseGreyville Racecourse uNkk Khoza uthe kuyamjabulisa ukubona izisebenzi zomnyango wakhe zisebenzisa wonke amasu, amathalente neziphiwo zazo ukwenza umsebenzi kahulumeni. Uthe angelilibale iqhaza elabanjwa yizisebenzi zomnyango wakhe ezazisebenza ngokuzikhandla ukulekelela umphakathi waKwaZulu-Natal kwakubheduke iCOVID-19 ezweli. “Salahlekelwa ngabantu abaningi ngaleso sikhathi abanye bagcina behlukumezekile ngababekubona kwenzeka emindenini yabo kudlula ngokulandelana kwamalungu emindeni yabo. Bonke labo bantu babedinga ukulekelelwa ngezeluleko zosonhlalakahle ukubuyelwa yithemba nokwazi ukuthi okwakubagubuzele kwakungasho ukuphela komhlaba. Siyakuqonda ukuthi ezinye zezisebenzi zethu zazidela zanikela ngempilo yazo lokho okwakubeka engcupheni yokuhaqeka kwabasondelene nazo ikakhulukazi emakhaya azo. Sibuye sabona zisebenza ngokuzikhandla ngasikhathi sokuluthwa kwezitolo nezimboni. Izisebenzi zomnyango wethu ziyadinga ukutuswa ngokuhle ezikwenzela isizwe. Ukusebenzela uhulumeni kakusikhona kuphela ukuhola ekupheleni kwenyanga kodwa kusho ukuqinisekisa ukuthi labo abantu abangenawo amandla okuzisiza bayathola ukunakekeleka,” kusho yena.

Lapha kubuye kwahlonishwa ngendondo yegolide iSiqophimfundo Early Childhood Development ngokwenza kahle kuhlanganisa nokuqikelela ukuphepha kwezingane ezinakekelwa kulesi sikhungo. IFanelesibonge Development Agency yona ithole indondo yesiliva, Ikusasa Women’s Projects yona ithole i-bronze. NgokweBatho Pele i-Osizweni Services Office yona ihlonishwe nge-bronze, uMsinga Services Office yathola indondo yesiliva ngesikhathi isifunda saseThekwini sihlabana ngendondo yegolide.